UKUQHOSHELWA ngabanye abantwana ngezinto abazenzelwe ngabazali babo, ngenye yezinto ezicishe zafiphaza iphupho lomfundi waseVelangaye High, eNkandla, ohlabane ngo-distinctions abayisikhombisa.
UPalesa Zungu (18) waKwaMsane, eMtubatuba, uthe ukhuliswe wuninakhulu engalekelelwa muntu, uNkk Sibongile Zungu, emuva kokushiywa emhlabeni ngabazali bakhe eneminyaka emibili nje.
Uthe unina wathathwa wukugula, uyise yena washona engozini yemoto ngo-2006.
"Ukukhula kwami akubanga lula njengoba ngachazelwa ngobuntandane bami sengenza uGrade 2. Bekuthi uma ngibona ezinye izingane ziqhosha ngezikwenzelwe ngabazali bazo, inhliziyo yami beyiqaqamba. Angiphathi khona uma zikhuluma ngezinto ebezizenza ngesikhathi zizikhiphe nabazali bazo."
Uthe lokho bekumenza agcine eseziphathisa okwehlongandlebe lentombazane futhi esekhiphela bonke ubuhlungu benhliziyo kuninakhulu.
"Ngangize ngikhulume kabi kuye. Ngolunye usuku ngaze ngathi kuye, kungcono ukube wangiyisa ekhaya lezintandane ngoba wayehluleka wukwenza njengabanye abazali ezinganeni zabo. Wayevele akhale izinyembezi uma sengimhlupha. Ugogo njengomuntu omdala, ubengenaso isikhathi sokuba sizikhiphe ukuze sishaywe wumoya njengabanye abantwana, kodwa ubazi ukuthi uqedile uma engigqokisile futhi wangithengela ukudla. Mina njengomntwana bengifuna okungaphezu kwalokho."
UPalesa uthe waze wagqigqa kodokotela bengqondo ukuze bamluleke ngesikhathi esehlushwa wukhwantalala. Uthe ugcine ebonile ukuthi uninakhulu wayemfisela izinto ezingaphezulu kwabezifisa yena engumntwana. Uthe akazi ukuthi angambonga ngani uninakhulu njengoba egcine ephumelele ngamalengiso esikoleni.
"Ugogo ungifundise yedwa ekubeni engangizali. Ukwenza nje lokho naye unomntwana obesefunda enyuvesi. Ngenxa yokuthi ungumntwana kaNkulunkulu, ongazwani nezinto ezingasile, ngithi angimazise ukuthi ngiyambonga kakhulu."
Ebuzwa uPalesa ukuthi wenzenjani uninakhulu ngesikhathi esezwa ukuthi umzukulu wakhe uphumelele ngamalengiso ibanga leshumi uthe: "Ngithe uma ngizwa ngemiphumela yami ngabo-9 ebusuku (ngoLwesine), ngagijimela kuye. Akakhombisanga njabulo kodwa ufike wabheka phezulu isikhathi eside maqede wathi masikhuleke."
UPalesa uthe nakuba ubenethemba lokuthi uzophumelela kodwa ubelindele ama-distinctions ayisithupha ngenxa yokuthi ubehlushwa yiMaths Literacy. Esephetha uthe kulo nyaka uzimisele ngokwenza izifundo zobummeli noma iSocial Sciences and Housing e-UKZN ngoba uyazifela ngomsebenzi omayelana nezindlu.