USUBHALELE uNgqongqoshe wezeziMali noMengameli Cyril Ramaphosa uhulumeni waKwaZulu-Natal ofuna kulungiswe indaba yelayisensi yebhange Ithala.
Lezi zindaba zivezwe wuMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uMfu Musa Zondi, esithangamini sabezindaba ebesiseLangeni Hotel, eThekwini.
“Ithala liyinsika yokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natal, emuva kwesimemezelo se-Financial Conduct Authority (FSCA) sokumisa ilayisensi yebhange Ithala, uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli nohulumeni waKwaZulu-Natal, uthathe isinqumo sokubhalela uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana noMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba babheke lolu daba.
“Sifuna kuqinisekiswe ukuthi inkinga enjengalena ayiphindi ibe khona. Kufanele kushintshe nomthetho osucindezela Ithala ngoba kade lisebenza ngaphandle kwezihibe phambilini,” kusho uZondi.
Uveze ukuthi emuva kokuvela kwezindaba zokumiswa kwelayisensi yeThala uthole inqwaba yezingcingo kogogo nabanye abantu abalondoloza imali yabo kuleli bhange.
“Abezindaba banyuse ushukela wogogo ngendlela abalubike ngayo lolu daba. Ngiyaqonda ukuthi abanye bebefuna ukudayisa amaphepha kodwa kufanele nisebenzisane nathi nibike ngendlela ehlelekile, ningabhali okudukisa umphakathi. Silapha nje ngenxa yenu ngoba nilayithe umentshisi. Ithala alikho sephutheni kodwa wuhulumeni oshintshe imithetho.”
Uthe ezinye izinkinga zaseThala azithinti imali kuphela kodwa zithinta nepolitiki.
“Wuhulumeni kazwelonke oshintsha imithetho ethinta izikhungo ezifana neThala ngakho uyena ozoza nesixazululo. UNdunankulu usukumele phezulu ukuthola isixazululo. Ithala lisasebenza ngisho uhulumeni waseGauteng uthatha izifundo eThala.”
Ubalule ukuthi Ithala belilokhu lisebenza kahle kodwa kwashintsha imithetho njengoba ingavuselelwanga i-exemption ebilivumela ukuba lisebenze njengamanye amabhange anemishwalense neminye imikhiqizo.
Isikhulu esiphezulu sebhange Ithala, uDkt Thulani Vilakazi sithe ziyalungiswa izikhalo ze-FSCA ngakho abantu mabakhululeke.
Uveze ukuthi i-FSCA ikhiphe Ithala ezikhungweni zemali ebezingadingi ukuletha umbiko we-Financial Soundness okuyinto eyenziwa izikhungo eziqoqa imali yemishwalense nokunye.
Ubalule ukuthi Ithala belingangeni kulolu hlu ngoba beluqhuba umsebenzi walo ngaphandle kokuphazamiseka iminyaka engaphezulu kuka-20.
“Izikhalo ze-FSCA besizilungisa vele. Kuyimanje sithathile uhlu lwebhizinisi oluthinta umshwalense silufake ngaphansi kwe-Ithala Development and Finance Corporation (IDFC) kuze kube sithola isixazululo salolu daba. Abathola amathenda kuhulumeni nabo basazoyithola imali e-IDFC, umehluko wukuthi ngeke sisakwazi ukubavulela ama-akhawunti ebhange Ithala.”
Ubalule ukuthi isinqumo se-FSCA asisho ukuthi ibhange Ithala linenkinga yemali ngoba namanje linombiko ongenawo ugcobho womcwaningi mabhuku.
Uveze ukuthi umehluko wukuthi phambilini kunemithetho elandelwa ngamabhange amakhulu ebingalithinti ibhange Ithala njengoba lona lingafani namanye amabhange.
“Ithala liyibhange elihlukile, lidinga ukuthi kushintshe umthetho ozokwazi ukubhekana nesimo salo. Alifani namanye amabhange, alilona ibhange elikhulu, alilona ibhange eliwumfelandawonye kodwa liyibhange elikwazi ukusiza wonke umuntu. Izinkinga ezibalulwe yi-FSCA kudala siqalile ukuzilungisa.”
Ukhale ngokuthi bazoshayeka beyibhange njengoba bengakwazi ukuvula ama-akhawunti amasha noma bamukele amakhasimende amanye njengoba besalungisa izinkinga ze-FSCA.
Uphethe ngokuthi kunomehluko phakathi kwe-IDFC okuyiyona ebolekisa ngemali futhi ephethe ibhange Ithala. Ubalule ukuthi okwenzeka ebhange Ithala akunamthelela kwi-IDFC.