IMIPHAKATHI yaseThekwini ebidinwe ukuthi sekuphele izinsuku ezintathu kuya phezulu ingenawo amanzi noma ugesi ivale imigwaqo ngamathayi nemigoqo.
Le miphakathi ibithi sekungaphezu kwamandla njengoba sekubole ukudla emafrijini, amathoyilethi ayanuka, awekho amanzi okugeza nawokuphuza.
KwaMashu abahlala ehostela, bavale imigwaqo ekuseni nokuphazamise abebeya emsebenzi bethi sekuphele izinsuku ezine ugesi ungekho kule ndawo.
ENtuzuma umphakathi uvale umgwaqo omkhulu okuhamba kuwo amabhasi kamasipala.
Okunye obekukhathaza umphakathi ukuthi abanye ompompi abasemgwaqweni umphakathi obuthola kuwo amanzi bebengasaphumi lutho. Abahlala kwezinye izingxenye zaseNtuzuma naKwaMashu ebebesenawo amanzi bese benqaba nawo bethi kuzokwenyuka izikweletu zabo.
UNdunakulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube -Ncube, obekhuluma esithangamini nabezindaba, izolo, uthe umasipala wenza konke okusemandleni ukuze umphakathi uthole izidingo ikakhulukazi amanzi, ugesi nokuthuthwa kwendle.
Uthe kunethimba elakhiwe iminyango kahulumeni ehlukene nabamabhizinisi elizolekelela ekutheni kubuyiselwe amanzi emiphakathini ikakhulukazi ehlala eNyakatho yeTheku okuyiyona ephazamiseke kakhulu.
Uthe isiteleka esingekho emthethweni sabasebenzi benyunyana i-SAMWU, siqale sekusele usuku olulodwa kuphothulwe umsebenzi wokulungiswa kwamapayipi nama-valve kule ndawo.
"Umsebenzi obuwenziwa ubusuphothuliwe kodwa kudingeka kube nabasebenzi abazoqapha ukungena kwamanzi emapayipini , aze ayongena lapho egcinwa khona ngaphambi kokuthi aye emphakathini," kusho uNdunankulu.
Uthe bayaqonda ukuthi abasebenzi kumele bakhale uma kukhona abengenelisekile ngakho kodwa lokho akusho ukuthi sekumele kunyathelwe ilungelo lomphakathi.
Uthe sekwakhiwe ithimba lezinhlaka zamaphoyisa ezehlukene elizophelezela abasebenzi abangatelekile abasatshiswayo uma beyosebenza. Kuqashwe nezinkampani ezizimele ezizolekelela ekuhanjisweni kwezinye izidingo ezifana nokuqoqwa kwemfucuza.
Uqhube wathi umqashi okunguMasipala weTheku awukahlangani neSAMWU ngoba azikho izikhalo ezilethwe ile nyunyana kuye kodwa uMnuz Siya Dladla weSAMWU, uthe umqashi uyazi ukuthi bafuna ukuhlangana naye, balinde ukuthi anqume usuku.
UNdunakulu uthe abasebenzi beSAMWU babenomhlangano ngoLwesibili olwedlule, ngemuva kwalowo mhlangano ababuyelanga emsebenzini.
Imibiko ithi abasebenzi abatelekile bafuna kulungiswe umholo wabo ulingane nowabanye abasenza komasipala abangama-metro
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe ayinaso isibalo esigcwele sokuthi bangaki abasebenzi abatelekile ngoba abanye bayasatshiswa. Uthe akwaziyo ukuthi kuthinteke wonke umasipala, hhayi uphiko lwamanzi nolukadoti kuphela.
Uthe kuzophela isonto isimo sesibuyele kwesijwayelekile, wathi kuzolandelwa izindlela ezifanele zokuqondiswa ubugwegwe kwabangenele isiteleka esingekho emthethweni.