ISINGENE kwelinye igiya ingxabano esuswe ukuxoshwa kwabathile abebesondele enkosini yamaNazaretha uNyazilwezulu yohlangothi lwaseBuhleni.
Isolezwe lihabule ukuthi ngemuva kokugudluzwa kwamalungu abenukwa ngokwakha itulo elibi elibhekiswe ekuphazamiseni ubuholi boNyazi kudaleke uqhekeko phakathi kwenhlalisuthi eyizethenjwa okumanje isize yaziqamba amaqembu.
Kuthiwa kula maqembu kukhona elizibiza ngoBumbano Cop 17 kuthi elinye libizwe ngaBathandi beQiniso. Lesi simo sesidale uvalo ngokuthi kungaba khona uthuthuva olunganqandeki uma singalungiseki.
Umthombo ongaphakathi ebandleni uthe iNhlalisuthi yaziwa ngokukhuluma ngazwi linye okwenza le ngxabano esanda kuqubyuka ishayise ngovalo.
“Ayikaze yenzeke le nto ukuthi kuxabane inhlalisuthi yodwa esontweni. Indaba isuswe ukuthi kususwe inhlalisuthi ebisondele eduze koNyazilwezulu yayalelwa ukuthi ingaphinde ingene esontweni futhi ingalubhadi kuwona wonke amathempeli ebandla ngaphansi koNyazilwezulu,” kusho umthombo.
“Okwenzekayo manje nokufakela abantu uvalo ukuthi iNhlalisuthi ememezele ukuthi kusuke le ebiseduze koNyazilwezulu, iyona esibonakala isondele kulona igade uNyazi. Le exoshiwe okuthiwa akulindelekile ukuthi ibonakale ebandleni ifika ngenkani futhi iyabonakala ukuthi ifuna ukuba seduze koNyazi.
“Lokhu kwenza kungabi nakho ukuthula njengoba sekuke kwaba nanesimemezelo esisabalale nge-voice note (izwi eliqoshiwe) kuthiwa iNhlalisuthi akumele ithathe izinqumo esontweni. Sekuphinde kwagqama nendaba yala maqembu eNhlalisuthi esihlukene phakathi ebandleni,” kusho umthombo.
Leli phephandaba lishayele ucingo enye yezinhlalisuthi okukholakala ukuthi yiyo eyenza isimemezelo sokumisa le esolwa ngokuba namatulo amabi abhekiswe kuNyazilwezulu, ethe ngeke ikwazi ukuphawula. Ithe umuntu ovumeleke ukuphawula ngezindaba zesonto uMnuz Thokozani Mncwabe kuphela.
Ethintwa uMncwabe, uthe uyayazi yonke le nhlalisuthi ngokuzihlukanisa kwayo ngamaqembu.
“Ngokwazi kwami bonke laba bantu bathanda inkosi uNyazilwezulu. Angiboni ukuthi abasazwani ngalolo hlobo kodwa engikubonayo kube wukuphambana kwemibono nje kubona. Ngokuvunyelwa yinkosi uNyazilwezulu ngizokwazi ukuhlala nabo phansi kodwa nabo kumele bakhombise ukuthi bazimisele ukuthi lolu daba luxazululeke. Ngisho inkosi iNyangayezulu yathi uma kukhona lapho singaboni khona ngaso linye kumele sihlale phansi silulungise lolo daba,” kusho uMncwabe.
Uthe phambilini kwakunabaholi bezinsizwa ababebheka yonke into ethinta izinsizwa obekungabikwa kubona ukuba basekhona. Uthe njengoba bengasekho manje sekungaba yibona abangangenelela ukulungisa isimo.