LIZOQULWA ngoNovemba nonyaka icala likathisha owanqatshelwa ibheyili osolwa ngokuthenga izinkabi ezabulala umyeni wakhe.
UNkk Gugu Mchunu (50) naboshwe naye uMnuz Lindani Phungula (30) basolwa ngokwakha itulo lokubulala uMnuz Jabulani Mchunu.
UMchunu wayengumsebenzi wezicishamlilo kuMasipala weTheku esebenzela edepho esePinetown.
Abamangalelwa bavele eNkantolo eNkulu yaseThekwini kuleli sonto. Icala labo lahlehlela uJulayi 17 ukuze uMbuso nabameli babelane ngemininingwane yecala.
IJaji Mohani Moodley ube esethi icala lizoqulwa kusukela ngomhla ka-6 kuze kube ngu-23 Novemba.
IJaji lithe ngeke lilokhu lihlehlisa icala lilihlehlisela ezinye izinsuku lathi yingakho liqale laxhumana nezinhlangothi ezithintekayo kwase kuvunyelwana ngalezi zinsuku.
Laba ababili ngesikhathi bevela enkantolo bebebukeka bekhungathekile benjengabantu abebegcwele usizi bengazi nokuthi lidumephi.
Basolwa ngecala lokwakha itulo lokubulala nelokubulala inkantolo eyathi uma kungenzeka abalahle amacala abathweswe wona bangathola izigwebo ezingodilikajele.
Kusolakala ukuthi ngo-Ephreli ngonyaka odlule umufi wahlaselwa ngamadoda amabili amdubula washona ekwakhe, eMariannhill.
Elinye ilungu lomndeni elakhuluma neSolezwe emuva kwesigameko lathi basola ukuthi umkhuba usekhaya.
Lathi basola ukuthi ukubulawa kukaMchunu kuhlangene namafa akhe.
Ngesikhathi eboshwa uNkk Mchunu wayenguthisha esikoleni samabanga aphansi iBruyns Primary.
Ngesikhathi ecela ibheyili eNkantolo yeMantshi yasePinetown wathi uzolahlekelwa umsebenzi wobuthishela uma enqatshelwa ibheyili.
Waveza nokuthi unomndeni nezingane ezimbili eneminyaka engu-27 nenewu-20 futhi nguye kuphela ozinakekelayo.
Waveza nokuthi uhlela ukuwaphika amacala athweswe wona uma sekuqala ukuqulwa kwecala.
Wagcizelela ukuthi awekho amacala aseke amlahla phambilini noma aqhubekayo futhi akakaze akhishelwe incwadi egunyaza ukuthi akaboshwe.
INkantolo yamchitha kunjalo icala yalidlulisela enkantolo enkulu.
Owayengummangalelwa wesithathu kuleli cala ahoxiswa amacala ayethweswe wona ngenxa yokushoda kobufakazi obumyamanisa necala.