LIZIDONSELE amanzi ngomsele iphoyisa lesiteshi sasePinetown elisabalisabalise isithombe salo enkundleni yokuxhumana i-Instagram, liveze i-tattoo esandleni salo.
UConstable Sanele Sophazi (30) ubonakala esithombeni elingisa ukubamba isibhamu, lapho ekugqame khona itattoo esengalweni yakhe.
Ukubonakala kukaCostable Sophazi ne-tattoo egqamile kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba kwaziwa njengokungahambisani nomthetho wamaphoyisa.
Kungatshazwe ukuqina komthetho wamaphoyisa uma eqasha abantu abasha.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnue Naidoo uthe umthetho ophikisa ukuqashwa kwamaphoyisa anama-tattoo agqamile ubekwe emnyakeni embalwa edlule.
“Amanye amaphoyisa abe nawo ama-tattoo kudala ukungabekwa lo mthetho, okuchaza ukuthi abazange bathinteke ngesikhathi ubekwa,” kusho uNaidoo.
Uthe amaphoyisa awavumelekile ukuthi enze ama-tattoo ngemuva kokuqashwa emaphoyiseni.
UConstable Sanele Sophazi (30) onabalandeli abangaphezulu kuka 30 000 ku-Instagram osobishini ngesithombe sakhe esiveza ingalo yakhe ene-tattoo. Isithombe: Leon Lestrade. African News Agency. ( ANA ).
Ephawula ngodaba luka Constable Sophazi uthe isinqumo abazosithatha sizolala ekutheni uyenze nini le tattoo nokuthi usenesikhathi esingakanani eyiphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kukhona uphenyo lwangaphakathi oluqhubekayo ngodaba luka Constable Sophazi.
“Umthetho wamaphoyisa ukubeka kucace ukuthi iphoyisa alivumelekile ukuthi liveze i-tattoo uma lifake umfaniswano wamaphoyisa,” kusho uColonel Mbele.
Amaphoyisa kaMasipala weTheku nawo abekelwe umthetho ofanayo.
Okhulumela amaphoyisa aMasipala weTheku, uSuperintendent Parboo Sewpersad uthe ababaqashi abantu abanama-tattoo esandleni noma emqaleni.
“Iphoyisa livumelekile ukuthi libe ne-tattoo inqobo nje uma likwazi ukuyifihla, singayiboni,” kusho uSewpersad.
Uthe iphoyisa elibonakala ne-tattoo egqamile linganxuswa ukuthi liyisuse ngoba ngesikhathi liqashwa liyatshelwa imithetho ehambisana nomsebenzi walo.