LIGXILE ekwenzeni ngcono impilo yabantu ibandla iKingdom Life Ministries eliholwa nguLung M Magwaza.
Lokhu kuvezwe nguLung M ngesikhathi enenkulumo ekhethekile naleli phephandaba mayelana nomgubho webandla weminyaka engu-10.
Lisungulwe ngo-2013 kodwa libonakala likhula mawala futhi libonakala ligxile ekwenzeni ngcono impilo yabantu.
Ziningi izinhlelo ezihlabahlosile elinazo, elihlose ngazo ukukhulisa abazalwane balo.
Eqhulwini uLung M ukhulume ngohlelo olubizwa ngeBusiness Indaba abasuke behlose ngalo ukufukula osomabhizinisi basebandleni.
"Osomabhizinisi sibanikeza ithuba lokuba bakhangise ngamabhizini abo kubazalwane. Lokho kuyasiza ukuthi abazalwane bathenge kubona ukuze badlondlobale,'' echaza.
Ukhulume nangokubaluleka kokuba abesilisa bakhuliswe kahle, babe ngamadoda. Wathi konke lokhu kuyabhungwa njalo minyaka yonke kwiSibaya Samadoda, okuyisigcawu saleli bandla.
"Kusemqoka ukuthi abantu besilisa bakhuliswe kahle, ukuze bezokhula babe ngamadoda aqotho,'' usho kanjena.
Mayelana neCouples Night leli bandla eliba nayo minyaka yonke njalo ngoFebhuwari uthe basuke befuna ukunikeza izithandani ithuba lokuthi zibe ndawonye futhi zikhulisane.
Uthe uyambonga uNkulunkulu ngokuthi miningi imishado eseyiphumile kusukela ibandla lasungulwa.
Ukhulume nangeHigh Tea, okusuke kuhlanganiswe kuyona abantu besifazane.
Inhlosongqanngi yalokhu uthe basuke befuna ukuhlanganisa ndawonye abantu besifazane, ukuze bakhulisane futhi bacobelelane ngolwazi.
Mayelana nohlelo olubizwa ngokuthi yiYouth Day, obeluseCurries Fountain eThekwini, ngoJuni kulo nyaka, uthe lumayelana nokukhuthaza imfundo kubantu abasha.
Ukhulume nangohlelo lokunikezela ngezingubo zokugqoka nangamagilosa kubantu abaswele abavela ezindaweni ezahlukene.
Uthe ukholwa wukuthi ibandla likaNkulunkulu kakumele ligcine ngokushumayela kuphela kodwa kumele lifake igxalaba ukuze umphakathi ukholelwe kulona.
NgeSonto elizayo leli bandla lizobe linomgubho weminyaka engu-10 lapho elikhonzela khona ku-no 100 Stalwart Simelani, ekhoneni likaWest Street noStanger Street.
Umgubho uzoqala ngomhla ka-23, uphothulwe ngomhla ka-27. Indikimba ithi: "10 Years of Glory Manifested.''