UKHOMISHANA wamaPhoyisaeNingizimu Afrika, uGeneral Fannie Masemola, ulishayele ihlombe ithimba labatakuli ebelijutshwe ukuthi liyosiza ukutakula emva kwenhlekeleleyaseTurkiye.
UMasemola uthe uyancomeka kakhulu umsebenzi owenziwe ileli thimba ekucingeni izidumbu zalabo ebebecindezelekile kanjalo nokuhlenga labo abatholakale besaphila.
Kuleli thimba labayisithupha, belihambe nezinja ezicinga umkhondo ngephunga ezinhlanu eliholwa uBrigadier Vimla Moodley oyinhloko yezimo eziphuthumayo emaphoyiseni e-Eastern Cape, ehambisana noWarrant Officer Tinalia Gouws ongumtakuli ohamba phambili eLydenberg, eMpumalanga, Warrant Officer Martin Bann naye ongumtakuli eBenoni, Warrant Officer Keagan Naidoo naye ongumtakuli eGoli, Warrant Officer Len Willemse ongumtakuli ozinze ePitoli noSergeant Jennifer Seleka naye ongumtakuli ozinze eMahikeng, eNorth West.
Uthe lafulathela elakuleli ngoFebhuwari 9, kanti isonto lonke elidlule leli thimba belihamba phambili ekucingweni kwalabo abasaphila kanjalo nasekutholakaleni kwezidumbu zalabo asebedlulile emhlabeni.
Phakathi kwemisebenzi emihle eyenziwe yithimba, uMasemola uthe wukutholakala kwesaguga esineminyaka engu-80, esitholwe ngaphansi kwesakhiwo esidilikie.
Uthe: “Ithimba lisebenze ngokuzimisela, licinga abagilwa. Kuyasijabulisa ukwazi ukuthi lenze umsebenzi oncomekayo kanti likwazile ukuthi lenze umsenzi oncomekayo eTurkiye. Siyaziqhenya ngomsebenzi owenziwe yithimba singamaphoyisa aseNingizimu Afrika.”
Kulindeleke ukuthi lithelekekuleli ngoMgqibelo.