ASAHLELI lubhojozi amalungu omphakathi aseVryheid ngenxa yebhubesi okuthiwa liyaqhubeka nokubonakala lizicanasela.
Amalungu omphakathi waseVryheid athi ahlalele ovalweni ngoba lisaqhubeka nokubonakala ibhubesi emuva kokuhlaselwa yibhubesi kukaMnuz Sabelo Masondo (27) emasontweni amathathu adlule.
UMnuz Mbangiseni Mdladla waseMpangisweni, eVryheid uthe namanje basakhathazekile ngaleli bhubesi.
Uthe noma engazange alibone yena uqobo, basanda kuthola ukuthi like labonakala endaweni yaseNseka khona eVryheid.
“Siyasaba ngoba asizizwa siphephile. Okubi ukuthi leli bhubesi selike lahlasela umuntu kodwa namanje alitholakali,” kusho uMdladla.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe bathole imibiko ethi ibhubesi like labonakala endaweni yaseNseka ngoMsombuluko odlule kodwa ngoLwesibili libonakale endaweni yaseNkamana okuyizindawo athe basondelene nazo.
Lithe bahlalele ovalweni ngenxa yalokhu.
Inkosi uJoseph Bongani Zulu yaseMathongeni, eVryheid ithe bakhathazekile ngoba ibhubesi bathola imibiko yokuthi liyabonakala ngapha nangapha kodwa uma selibhekwa lingatholakali.
“Isimo sibi kakhulu endaweni ngoba umphakathi uhlalele ovalweni njengoba libonakala ezindaweni ezahlukene futhi liyaqhubeka nokwenza umonakalo. Emuva kokuthi lihlasele umfana elisanda kumhlasela kuvele ukuthi lidle imbongolo,” kusho inkosi uZulu.
Okhulumela abeZemvelo KZN Wildlife, uMnuz Musa Mntambo uthe abazi ngemibiko yokubonakala kwaleli bhubesi ezindaweni ezibikwa amalungu omphakathi kodwa bayazi ngokubonakala kwebhubesi eGluckstadt emasontweni amathathu adlule.
Uthe bagcine ukubikelwa ngebhubesi ngesikhathi likade lihlasele uMasondo.
“Sisasebenzisana nezinhlaka ezahlukene ukuzama ukulithola. EMawana Game Reserve sebebeke amakhamera aseke aliqopha lidla ukudla obekubekelwe ukulibamba. Amakhamera asesisizile ukuthi sibone ukuthi sibhekene nebhubesi lesilisa,” kusho uMntambo.
Uthe uma abantu belibona ibhubesi kufanele baye esiteshini samaphoyisa esiseduzane bayobika noma bathinte ongamele ezemvelo esifundeni, uMnuz Jabulani Biyela ku-082 708 8860.