KUQOKWE noNobhala Jikelele wenyunyana yothisha i-Sadtu, ebhodini elisha lesikhwama esixhasa izitshudeni, iNational Students’ Financial Aid Scheme.
Lesi sikhwama sihlangabezana nezingqinamba minyaka yonke ikakhulu ngalesi sikhathi sokubhalisa kwezitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ukuqokwa kwebhodi nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane, kuqede ukuqagula ngamalungu abhekwe ukuthi enze umehluko.
Amalungu aholwa ngusihlalo uDkt Karen Stander, ungoti wezemfundo enyuvesi yakuleli i-Unisa. Abanye abakhona kubalwa nonobhala jikelele we-Sadtu, uDkt Mugwena Maluleke.
Kubhekwe ukuthi amalungu alungise izinto kulesi sikhwama esihlale sinezingqinamba ikakhulu ngesikhathi sokubhalisa ezikhungweni zemfundo.
UDkt Nkabane uqoka leli bhodi nje, bese kunesikhathi esicela onyakeni lingekho ngemva kokuhlakazwa ngowayengungqongqoshe womnyango uSolwazi Blade Nzimande.
Uthe amalungu amasha ebhodi anamava emikhakheni ehlukene okubalwa owezemfundo, owezokulawula neminye.
“I-NSFAS idinga abantu abanamava abaqotho kwezithinta ubuholi. Yingakho sifune abantu abaneziqu ezithe thuthu ukuze benze lo msebenzi,” kuchaza uDkt Nkabane.
Uthe amalungu ebhodi wonke aneziqu ze-Masters, kanti uthemba ukuthi azosebenzisana akhiphe amangwevu athinta imikhakha akuwona.
“Izidingo zezitshudeni yizona okumele zibekwe eqhulwini. Siwumnyango sizoqinisekisa ukuthi lesi sikhwama seseka izitshudeni ezihlwempu ngendlela efanele,” usho kanje.
Leli bhodi lingena nje sekumele lizibambe ziqine njengoba isiqalile imibhikisho kwezinye izikhungo zemfundo, kukhalwa nge-NSFAS.
Amanye amalungu ebhodi wonnke aneziqu ezehlukene oNksz Ndileka Portia Loyilane, Advocate Richardt Tlou Ramashia, Advocate Lavandran Nanda Gopaul, Nksz Philisiwe Sibiya, Nksz Clarinda Elizabeth Simpson, Nksz Prashika Mahesh, Dkt Siyanda Mngadi, Nksz Karabo Mohale, Dkt Johanna Maphutha noDkt Marcia Socikwa, iPhini likaMqondisi jikelele emnyangweni weMfundo ePhakeme obhekele amanyuvesi, kanti umele umnyango kuleli bhodi.