KUDUMA ikhanda kumholi we-IFP oyilungu lePhalamende odukelwe unkosikazi osekuphele izinsuku ezine engatholakali.
UMnuz Sanele Zondo, ongusihlalo wophiko lwentsha kwi-IFP, i-IFP Youth Brigade, uthe ubambe umoya ngonkosikazi wakhe, uNkk Simenyiwe MaDlomo Zondo, athe wagcina ukukhuluma naye ngoLwesihlanu.
“Ngagcina ukukhuluma naye ngabo-11 emini yasekuseni. Wangibikela ukuthi usaya kothenga eRichards Bay. Ngagcina lapho ke ukuxhumana naye. Ngangingekho ekhaya ngesikhathi ehamba, angazi ukuthi wayegqoke kanjani.”
UZondo wagcagcelwa ngoMashi, kwelakubo, eHluhluwe.
UZondo uthe imindeni, owakubo nowakubo kwamakoti, ikhathazekile ngokunyamalala kukaNkk Zondo.
“Sinxusa abangaba nolwazi olungaholela ekutheni simthole, ukuba baxhumane nathi. Imindeni isebenzisana namaphoyisa nazo zonke izinhlaka zokuphepha nezikahulumeni ukwenza isiqiniseko sokuthi siyamthola uSimenyiwe. Kubalulekile ukuthi simthole.”
UZondo uthe okumkhathazayo ukuthi abantu sebeqalile ukukhuluma izinto ezehlukene, wathi kukhona nabanuka yena ngokuduka kukankosikazi wakhe.
“Sengithola imiyalezo ethusayo nengaqondakali. Lolu daba selungenwe abantu abaningi. Uyazi ukuthi abantu bazohlezi bekhuluma uma kunesimo esinje. Kuvamisile vele ukuthi uma kuduke umuntu oshadile, kusolwe lona omunye osele.
“Ingakho sengithandazela ukuthi uMaDlomo atholakale, khona kuzophela konke lokhu kukhuluma okukhona. Uma engabuya mhlawumbe angacacisa ngalezi zinto ezikhulunywayo. Ingakho ngithandazela ukuthi atholakale ephila.”
Uyise kamakoti, uMnuz Nkosinathi Dlomo, uthe indodakazi yakhe yagcina ukumthumela umyalezo ngeWhatsApp, ngaphambi kwehora lesibili, ngalo uLwesihlanu.
“Emva kwalokho wabe eselahleka emoyeni. Sasithi noma sithi siyafona, ucingo lwakhe lukhale lungabanjwa. Ngeshwa ucingo walushiya khona kwaZondo, baze baluthola ngesinye isikhathi.”
UDlomo uthe ubunzima ababhekene nabo abuchazeki.
“Kubuhlungu ngoba umntwana wethu lona, asimazi noma usaphila yini. Asazi ukuthi kwenzekani ngaye. Siphatheke kabi kakhulu. Sinethemba lokuthi uzotholakala maduze.”
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, engakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona.