KUVALIWE ukuyiswa kwezinkomo emadlelweni kwaCeza emuva kokuba kubonakale ibhubesi licanasa kusukela ngeSonto.
Kuthiwa uhlalele ovalweni umphakathi wakule ndawo njengoba lingakatholakali leli bhubesi okuthiwa likhombisa ukuba nolaka. Ibamba lenkosi, uMpiyakhe Buthelezi, litshele Isolezwe ukuthi isimo sibi emphakathini njengoba abafana bengasakwazi ngisho ukuyokwelusa.
“Ngibikelwe ngeSonto ukuthi kunabafana abebeyolusa babona ibhubesi emadlelweni. Bathe indlela ebelibhonga ngayo namanje sebeyasaba nokuyokwelusa. Ngenhlanhla alilimazanga muntu kodwa sesaba umonakalo ongadaleka uma lingatholakali,” kuchaza uButhelezi.
Uthe ibhubesi libonakale licanasa phakathi kweVungu neMfolozi esigodini saKwaMgiqana. Uveze ukuthi lapho libonakale khona kunamadlelo.
Uthe ubabikele abeZemvelo KZN Wildlife ngalokhu. UButhelezi uthe usewutshelile nomphakathi ukuthi ungazami ukulizingela ibhubesi futhi ungazami nokulibulala ngoba liyingozi.
Okhulumela abeZemvelo, uMnuz Musa Mntambo, ukuqinisekisile ukuthi sebebikelwe ngalolu daba wathi bathumele ithimba labo ngoMsombuluko ekuseni liyobheka ibhubesi kodwa bangalithola.
“Sithole ukuthi umphakathi usola ukuthi sekunesikhathi eside leli bhubesi licanasa. Isiqiwi esiseduze naleya ndawo yiHluhluwe. Ngeke siqinisekise nokho ukuthi ibhubesi leqe esiqiwini ngoba sisazama ukulandela lolu daba,’’ kusho uMntambo.
Unxuse umphakathi ukuthi uxhumane nebamba bukhosi uma kukhona okubonayo ukuze basheshe benze imizamo yokulibamba. Sekujwayelekile ukucanasa kwezilwane zasendle ezindaweni zomphakathi. NgoJulayi nonyaka kweqa amabhubesi ayisishiyagalombili esiqiwini eHluhluwe abulala izinkomo ezintathu. Agcina ebanjwe ngabeZemvelo. NaseNkonjeni, oLundi, umphakathi uke wahlaliswa lubhojozi yibhubesi ebelicanasa kodwa elingalimazanga muntu.
NgoSepthemba kuphele amasonto amane kufunwa amabhubesi ayisihlanu abecanasa eFochville, eGoli, agcina ebanjiwe. Ngawo uSepthemba ibe ngundabizekwayo indaba yokubonakala kwemfene ebicanasa elokishini KwaDlangezwa. Imfene yagcina ibulewe ngamalungu omphakathi yathathwa ngabeZemvelo.