LIFAKE incwadi yokwesula emsebenzini iphoyisa ngemuva kokuboshelwa icala lokuthumba nokubulala uMnuz Sihle Mtshare (27) waseMariannhill.
USergeant Ayanda Percival Ntombela (42), uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo, eyocela ibheyili.
Wesule emsebenzini ngosuku aboshwe ngalo uSepthemba 8, wabekwa icala lokubulala okuhleliwe, elokuthumba, elokweba iselula kaMtshare nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UNtombela, osebe yiphoyisa iminyaka engu-20, ugibele ebhokisini lofakazi watshela inkantolo ukuthi usesulile ekubeni yiphoyisa, manje ulinde impendulo evela ehhovisi lombutho wamaphoyisa. Lokhu uthe kubangelwe wukuthi akasakwazi ukunakekela umndeni wakhe ngoba eboshiwe.
UNtombela, obeluswa ngemibuzo wummeli wakhe u-Advocate M Mkhize, uthe unamakhosikazi amabili nezingane ezingu-11 komama abahlanu, kuzona wondla eziyisishiyagalombili.
Uveze ukuthi uzowaphika wonke amacala atheswe wona uma sekuqala icala futhi akamazi umufi nofakazi.
Udalule ukuthi wazinikela ngokwakhe esiteshini samaphoyisa sasePinetown, emuva kokuthola ucingo olwalumazisa ukuthi uyafuneka.
UMtshare unyamalale ngoAgasti 21, kaninalume ethathwa yiphoyisa.Isidumbu sakhe sitholwe yinja ehogela umkhondo sigxishwe epayipini lamanzi eCamperdown.
UNtombela utshele inkantolo ukuthi impilo yakhe isengcupheni ejele laseWestville, lapho evalelwe khona.
"Sekuze kwaba amahlandla amabili ngithola izinsongo zokulinyazwa ejele engigcinwe kulona elineziboshwa ezidonsa amacala anzima, ezinye zazo engazibopha. Nesimo sami sempilo asisesihle selokhu ngaboshwa," kubalisa uNtombela.
Wethule ubufakazi efake isifonyo, wathi kungenxa yokuthi ungenwe wumkhuhlane angawazi uwuhlobo luni awuthole ejele.Kube nesidididi enkantolo ngaphambi kokuqala kokulalelwa kwesicelo sebheyili.
Obengumshushisi uhoxile kuleli cala wathi uyamazi uNtombela futhi bebesebenza ngokubambisana kule nkantolo ngokwemisebenzi abaqashelwe yona.
Kuze kwalandwa umshushisi ongasebenzi kule nkantolo ofike waphica uNtombela ngemibuzo eyisusela ebufakazini abekade ebuthulele inkantolo.
Umshushisi uNksz B Mncwango utshele uNtombela ukuthi akayeke ukuveza isithombe somuntu onakekela izingane zakhe ekubeni eqale watshela inkantolo ukuthi kunezingane azondla ngenkantolo futhi ezinye zihlala nonina bazo.
Leli phoyisa belitshele inkantolo ukuthi lengamele imfuyo okuyizinkomo ezinhlanu okwakungeyabazali balo, linemoto eliyikhokhelayo, esalelwe yisikweletu sikaR180 000 futhi lihlala emzini elawushiyelwa nguyise eHammarsdale.
Umshushisi ube esehlala phezu kwalawa maphuzu, wathi empeleni uNtombela akanalutho olubambekayo olungolwakhe.
Phambilini, uNtombela utshele inkantolo ukuthi akabazi ofakazi baleli cala kodwa umshushisi uveze ukuthi kunencwadi efungelwe yaleli phoyisa lapho lisho ngokwalo ukuthi kunofakazi elibaziyo.
UNtombela utshele inkantolo ukuthi akaze alahlwe cala futhi awekho amanye amacala awahambayo ngaphandle kwaleli. Uthembise ukungalibalekeli icala, angaphazamisi ofakazi nokusebenza kwengalo yomthetho ngoba uyasazi isijeziso salokho.
Namuhla kulindeleke kufakaze umphenyi wecala.