SIQHUBEKILE nokwenza ezibukwayo isifundazwe iKwaZulu-Natal, sithola u-86.4% emiphumeleni ka-matric wangonyaka odlule.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqose weMfundo eyiSisekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga, ememezela imiphumela yaleli banga yezifundazwe emcimbini wokubungaza abafundi abenze kahle obusePitoli, izolo.
Izinga lokuphasa kuka-matric kulesi sifundazwe likhuphuke ngo-3.4% uma kuqhathaniswa nemiphumela yango-2022, lapho sithole khona u-83.0 %. Kungokoqala eminyakeni eyishumi nangaphezulu eyedlule lesi sifundazwe sithola imiphumela engaphezu kuka-80% iminyaka ilandelana.
Le miphumela emihle beyivele kuyinto ebivele ilindelekile kwazise ikilasi lika-2023, lingelokuqala ukusuka ngo-2020 elinabafundi abangazange bachaphazelwe kangako wubhubhane iCovid-19.
Ngesikhathi kugasela lesi sifo kuleli ngo-2020, iningi labebebhala ngonyaka odlule belifunda uGrade-9, kanti eminyakeni emibili edlule, lolu bhubhane bese lungasenawo amandla, isimo sesibuyele kwesijwayelekile.
Yize lesi sifundazwe senze kahle, uhlaka olubhekelele izingabunjalo lemiphumela ka-matric, Umalusi, liqinisekise ukuthi kunemibiko yokukopela kwabebebhala abangu-763 okukholakala ukuthi babhale izimpendulo ezifanayo emibuzweni ethile ngesikhathi kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo, kodwa umqondisi jikelele ehhovisi loMnyango weMfundo eyiSisekelo ekhuluma nabe-eNCA izolo, uthe lolu daba luyaphenywa okwamanje.
“Izinga lokukopela kwabafundi ngokwamaqoqo lehlile. Izifundazwe iMpumalanga neKwaZulu-Natal okuyizona ezivela kulezi zinsolo ezivezwe Umalusi, udaba lwakhona luyaphenywa. Othisha okuzotholakala ukuthi benze okuphambene nomthetho bazothathelwa izinyathelo,” usho kanje.
Uthe amanye amaphutha okuvamise ukuthi kuhlangatshezwane nawo okunesidingo sokuthi ancishiswe, yilawo enziwa abasuke bebhala uma befaka imininingwane yabo, okufana namagama nezinombolo zikamazisi.
Bevile ku-723 000 ababhale izivivinyo ngokugcwele kuleli kanti eKZN bangu-170 637.
Imiphumela yezikole ezizimele ngaphansi kwe-Independent Examination Board, ibe ngu-98,46 % kuzwelonke.