ISIKHUNGO esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), sigunyaze umuthi wezingane othithibalisa isandulela-ngculazi. Lo muthi uyimpuphu enoshukela futhi uyakwazi ukuwufaka esiphuzweni esifudumele sengane.
Kuthiwa lo muthi uyimpuphu eyinhlanganisela yamakhambi (combo) okuyi-abacavir, lamivudine, lopinavir ne-ritonavir, okhiqizwa yiCipla, kanti wakhelwe izingane kusukela kwezelwe kuya phezulu.
Awudingeki ukuthi uhlale efrijini futhi ungasetshenziswa kuzo zonke izingane, akukhathalekile ukuthi zinesisindo esingakanani.
UDkt Irene Mukui oyinhloko yeHIV enhlanganweni, iDrugs for Neglected Diseases initiative (DNDI), uthe kuyajabulisa ukuthi iSAHPRA, igunyaze lo muthi njengoba imithi yokuthithibalisa iHIV ezinganeni ekhona, bese kuphele iminyaka eminingi isetshenziswa kodwa ingathuthukiswa.
"Lokhu kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika izibophezele ekutheni kube nezinto eziningi zokuthithibalisa iHIV ezilungele izingane. Izingane ezinaleli gciwane zizonikezwa lo muthi," kusho uDkt Mukui.
Lo muthi oyimpushana, abagada izingane bangakwazi ukuwuvuvuzela ekudleni okuthambile okufana nephalishi noma ufakwe obisini noma emanzini.
UDkt Umang Vohra, waseCipla, uthe ukusungula kwabo lo muthi kungenxa yokuthi bebebona ukuthi kunegebe elisekhona kakhulukazi ezinganeni.
"Sizoqhubeka nokulokhu siqhamuka nezixazululo ezilula ekwelashweni kwezifo," kusho uDkt Vohra.
Phambilini, umuthi othithibalisa iHIV ezinganeni bekuyi-Lopinavir, ewuketshezi enezinga lotshwala elingu-40% futhi odinga ukuthi uhlale efrijini. Lo muthi obungenawo ushukela, abanye abazali bebehluleka ukunikeza izingane ngoba beziwunqaba. Abazali abangenawo amafriji bebeba nenkinga yokuwugcina kahle.
Zilinganiselwa ku-238 000 izingane ezineminyaka engaphansi kweminyaka ewu-15 ezinengculazi, okuyisibalo esiphezulu emhlabeni.