UKHALE ngokuqhela kukahulumeni ebantwini usomabhizinisi ngesikhathi ethula ngokusemthethweni iqembu lezepolitiki, i-All Nations Movement (ANM), eThekwini.
UMnuz Bongani ‘Yebo’ Majola onguMongameli nomunye wabasunguli beqembu uthi lizongenela ukhetho likazwelonke nelezifundazwe ngonyaka ozayo. Wathi okubenze bavuka bazithatha wumbono wokuthi uhulumeni usehlehle kakhulu ebantwini abahluphekayo nokuntengantenga komnotho kuleli.
Engxoxweni neSolezwe, uMajola uthe ukungabi bikho kwamathuba emisebenzi kuleli nokusebenzisa izisombululo zesikhashana ezingasilungisi isimo, okunye okuseqhulwini abafuna ukulwa nakho.
“Akukho qembu esixebuke kulona. Kodwa emva kokuthi sihlale phansi sibuke izinselelo ezibhekene nezwe, siqhamuke nombono wokusungula iqembu elikholelwa ebantwini nelizofeza izethembiso elizenzile. Izijumbane zokudla nesibonelelo sikaR350 sabangasebenzi akuwenzi umehluko kodwa kunalokho kuletha inhlupheko kubantu abavele bebhuqwabhuqwa yindlala,” usho kanje uMajola.
Uqhube wathi iqembu lithole isitifiketi sokukleliswa njengelinye lamaqembu ezombusazwe kuleli ngoSepthemba nonyaka, wathi selivele linenqwaba yamalungu ezifundazweni ezintathu wabala e-Eastern Cape, eWestern Cape, naKwaZulu-Natal.
Uthe iqembu lilungele ukujoyinwa ngabantu bazo zonke izinhlanga ngoba alibandlululi muntu futhi ligqugquzela ubunye.
Okhethweni likazwelonke nezifundazwe lango-2019, angu-48 amaqembu ayevela ohlwini lwalawo ayezovotelwa ngaleso sikhathi kuzwelonke, kantu ayengu-31 kulesi sifundazwe.
Kuzothi ngempelasonto kaNovemba 18 no-19, abantu bakuleli babhalisele ukuvota okhethweni lango-2024.