UMPHAKATHI waKwaMashu ubhekene nesihlava somdlalo owaziwa ngesitabane, okungumdlalo wokukotela phezu kwesitimela sihamba, osuholele ekudluleni kwemiphefumulo yabantu abasha abaningi.
UMasipala weTheku sewuqhamuke neqhinga lokulwa nalesi sihlava ngokuvula isikhungo esibizwa nge GO! Durban Academy esizofundisa intsha yaKwaMashu ukushova kwamabhayisikili.
Lesi sikhungo esivulwe ngokusemthethweni ngoMgqibelo, kulindeleke ukuthi lolu hlelo luqeqeshe intsha engu- 400 ngesonto luphinde lunikeze uxhaso kwezemfundo nasekuthuthukisweni kwamakhono.
Lolu hlelo lushaywelwe ihlombe umphakathi nabaholi bomphakathi asebekhathazeke isikhathi eside ngalesi sihlava emphakathini, kodwa bengazi ukuthi yini abangayenza.
Ikhansela lendawo uNkk Lindile Ncayiyana ngesikhathi likhuluma neSolezwe izolo lithe selokhu kwakhiwe lesi sikhungo, usuhlangana nezingane zizidlalela amabhayisikili okuyinto enhle kakhulu.
Ugcizelele ukuthi lokhu kuzonciphisa nezinga lezingane ezikhula zibe yimidlwembe, zingene ophuzweni oludakayo nasezidakamizweni njengoba kumanje sezigxila kakhulu kwezemidlalo,” kusho uNkk Ncayiyana.
Uthe okujabulisayo ukuthi indawo esakhiwe kuso, phambilini bekuyindawo abantu abebelahla kuyo imfucuza ngokungemthetho, obekuba nomthelela ongemuhle kwezempilo.
Uthe ziningi izinhlelo aziphathiswe wuMasipala weTheku ezenzelwe ukulekelela intsha ukuze ihlale imatasa abale kuzona ukwakhiwa kwenkundla yekhilikithi engakaqedwa, nendawo evulekile yokuzilolonga okulindeleke ukuthi nayo ivulwe ngokusemthethweni maduze.
Evula ngokusemthethweni lesi sikhungo, uSotswebhu omkhulu kuMasipala waseThekwini uMnuz Sibongiseni Mkhize uthe bazosiza ukuhlanganisa abantu abasha ndawonye babe nephupho elilodwa.
“Sinethemba lokuthi sizolekelela ukugqugquzela usiko lokugitshelwa kwamabhayisikili, lokhu okuyingxenye yezinhlelo zaleli dolobha zokuthuthukisa ezokuthutha, ”kusho uMkhize.
Uthe uhlelo lokwakhiwa kwalezi zikhungo luqale ngo-2016 njengoba zikhona nakwamanye amalokishi okuyiNanda, KwaDabeka naseChesterville.
Umasipala uphinde wathola uxhaso lwamabhayisikili awu- 50 okuthiwa azosetshenziswa amalungu omphakathi, okuwuhlelo olusavivinywa, oluzosiza ekugqugquzeleni abantu ukuthi basebenzise lolu hlobo lwezokuthutha.