KUZOTHATHA izinsuku eziphakathi kweziyisikhombisa kuya kwezingu-10 ukuthi kulungiswe ipayipi lamanzi elikhulu laseMlaza, elishiye umphakathi nesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial singenawo amanzi.
UMasipala weTheku uthe ipayipi elikhulu eliphakathi kwebhuloho iSouth Coast liqhume ngoMgqibelo izindaweni ezahlukene, eMega City, ihostela iGlebe nezinye eziseduze zisale zingenawo amanzi.
UNkk Lungile Cele, oyisikhulu ophikweni lwamanzi kumasipala, uthe leli payipi elikhulu akukho okulithintile kodwa liqhunyiswe wukuthi selilidala.
"Sithole ngoMgqibelo ukuthi liqhumile, kwabizwa onjiniyela nongoti bacubungula ukuthi lizolungiswa kanjani njengoba liphakathi kwebhuloho. Esikwaziyo njengamanje wukuthi kuzomele kufakwe ipayipi lesikhashana, elizobe liphakela amanzi kusalungiswa leli elikhulu. Umsebenzi owenziwayo uzothatha izinsuku eziyisikhombisa kuya kwezingu-10, kodwa umasipala uzobe uwathumela amanzi ngezimoto emphakathini," uNkk Cele.
Uthe esibhedlela amanzi ayathunyelwa ngawo amaloli. Kodwa izinyunyana zabasebenzi zithi ngoMsombuluko abengaphumi amanzi kompompi esibhedlela, abasebenzi bagcine sebawakha ngezigubhu bewafaka esibhedlela.
UMnuz Mlungisi Ndlovu wePSA, uthe okwenziwe ngabaphathi besibhedlela ukuze kutholakale amanzi akwanele, kudingeka isisombululo esizokwenza ukuthi amanzi akwazi ukungena ngamapayipi esibhedlela.
"Umasipala uwalethile amanzi ngeloli, afakwa emathangini akhiwa ngesikhathi sezikhukhula kodwa abengakwazi ukuhamba ngamapayipi ngoba abemancane. Amathangi amumatha amanzi angu-1 million (wamalitha) kudingeka amaloli amanzi angu40 ukuze kugcwale la mathangi," kusho yena.
UMnuz Ayanda Zulu weNehawu, uthe bekufanele ukuthi uma kuphela amahora amabili isibhedlela singenawo amanzi, abasebenzi bagodukiswe, iziguli zihanjiswe kwezinye izibhedlela.
"Amathangi afakwa ngesikhathi sezikhukhula, ayefakelwe ukuthi uma kwenzeka kuba nenkinga kusetshenziswe amanzi asemathangini. Isibhedlela asikwazi ukusebenza amanzi engekho.
“Ukungabi khona kwamanzi amahora amabili esibhedlela, kusho ukuthi isibhedlela siyehluleka ukwenza umsebenzi waso ngendlela. Kumanje kukhulunywa ngokuthi kunabantu abanesifo sohudo, okumele kunqandwe ukusabalala kwaso ngokuthi kube nenhlanzeko.
“Uma esibhedlela engekho amanzi, kwenziwa njani, akugezwa? Amathoyilethi wona asetshenziswa kanjani?" kubuza uZulu.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe kufakwe amathangi amanzi angu-30 ezindaweni ezehlukene esibhedlela.Isitatimende esithunyelwe wumnyango esiphuma kuNgqongqoshe wawo uNksz Nomagugu Simelane, sithe izolo kulesi sibhedlela bekuneziguli ezingu-898. Isibhedlela besisakwazi ukuzinakekela iziguli ezifika zizokwelashwa ezibhukhelwe bezisemukelwa.
“Iziguli ezidinga ukunakekelwa kwamathambo zidluliselwe ezibhedlela iRK Khan ne-Addington njengoba lezi zibhedlela zinezikhala zokuhlinza. Isibhedlela siqhubekile nokuthatha iziguli ezidinga usizo oluphuthumayo lokuhlinzwa nokubeletha. Ukuhlanzwa kwezinsiza zokusebenza, kwenziwa ezibhedlela iKing Edward naseClairwood,” kusho isitatimende.
Siqhube sathi ukuwasha nokupheka kwenziwa ngaphandle kwesibhedlela, kazikho izinselelo isibhedlela esibe nazo ngakho. Isitatimende sithi kwenziwe ushintsho oluncane ekudleni okudliwayo, okudinga isitimu uma kuphekwa.