KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseThekwini, ihlukanise inhloko nesixhanti ikhiphe isinqumo ngombango wophawu lweqembu uMkhonto weSizwe. Icala lombango wophawu belusenkantolo ngoMashi, kwenziwa izethulo sase sigodlwa isinqumo.
I-ANC imangalele iMK izigaba ezehlukene iyisola ngokweba igama nophawu lwayo yenza ngalo iqembu ezongenela ngalo ukhetho. Izwe libheke okhethweni lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29, nonyaka nolubhekwe ngabomvu.
IMK yiqembu elisha elethulwe nguZuma ngoDisemba, wonyaka odlule. UZuma ememezela leli qembu wathi ngeke esayivotela i-ANC kodwa usehamba noMkhonto weSizwe, azowukhankasela. Kulezi zinsuku uZuma uphansi phezulu ukhankasela iqembu elisha.
I-ANC ibifake udaba eNkantolo yezoKhetho ikhononda ngesinqumo se-IEC sokubhalisa iMK njengeqembu elizongenela ukhetho. Ikhale ngaphansi i-ANC, kulelo cala inkantolo yavuna iMK.
I-IEC yamemezela ukuthi uZuma ngeke akwazi ukuba sohlwini lwabazoya ePhalamende, ngenxa yokuthi walahlwa yicala lobugebengu, wagwetshwa. I-MK iye enkantolo yafika yalunqoba udaba kodwa abe-IEC, bathe balufaka eNkantolo yoMthethosisekelo.
Phezu kwalawo macala kukhona eliseThekwini, lapho i-ANC imangalele iMK ngophawu lwayo nokuyilona okuzophuma isinqumo ngalo ngoMsombuluko.
UMkhonto weSizwe kwakuwuphiko lwe-ANC lwezempi olwasungulwa ngoDisemba 1961, ngenholso yokubhekana nohulumeni wobandlululo. Lo mbutho wezempi wahlakazwa ngoDisemba 1993, ngesikhathi izwe selizongena embusweni wentando yeningi.
Abe-MK bakhiphe isaziso sokuthi bazobe bephume ngobuningi babo beyothamela isinqumo senkantolo. Abalandeli beMK bavame ukuphuma ngobuningi beyokweseka iqembu labo enkantolo noZuma uba khona.