INHLANGANO ebhekelele abadayisa emgwaqweni nabezitolo ezincane, i-National Informal Traders Alliance of South Africa (Nitasa), ikhala ngomnqamulajuqu wesikhathi esinikezwe abezitolo ukuthi bazibhalise kabusha ukuqinisekisa ukulandelwa kwemigomo yezempilo.
Ekhuluma nezwe ngoLwesihlanu ngegxathu elithathwa uhulumeni ukulwa nokubhebhetheka kwabashona emva kokudla ukudla okunobuthi, uMengameli Cyril Ramaphosa, uthe bonke abezitolo ezincane banezinsuku eziwu-21 kuphela ukubhalisa ngokusemthethweni.
UNkk Rosheda Muller onguMengameli we-Nitasa ephawula emva kwenkulumo kaRamaphosa, uthe emva kwezigameko ezikhathazayo zokufa kwezingane okukholakala ukuthi zisuke zidle ezikuthenge ezitolo ezincane, uhulumeni ufuna ukuqinisekisa ukuthi uqhamuka namasu okulwa nalesi sihlava, kodwa isikhathi esibekelwe abezitolo kasenele.
“Uma kumele izitolo zibhalise, kudingeka izikhulu zomasipala noma abezempilo ukuthi bahambele ezitolo ukuqinisekisa ukuthi imigomo yezempilo iyalandelwa. Omasipala ngeke bakwazi ukwamukela umthamo wabantu abazothutheleka emahhovisi ukuzobhalisa lawa mabhizinisi ezinsukwini eziwu-21 kuphela, kungathatha cishe unyaka ngenxa yemigudu elandelwayo,” usho kanje.
Uthe iningi labadayisi basemgwaqweni kuwona wonke amadolobha akuleli, bangabokufika abavela kwamanye amazwe, ngakho uhulumeni unomsebenzi omkhuu wokuqinisekisa ukuthi banawo yini amaphepha okuba kuleli nokwenza ibhinisi.
UNkk Muller uthe abantu abathenga ezitolo ezincane emalokishini nasemakhaya abahluphekayo, abangazi nokuthi ukudla kuthengwe kuziphi izindawo. Uveze ukuthi kubalulekile ukuthi kuqiniswe umkhankaso wokuhlolwa kokulandelwa kwemigomo nasezindaweni okugcinwa kuzona ngaphambi kokuthi kuthengiselwe abezitolo.
Ngesikhathi ekhuluma nesizwe, uRamaphosa uthe zonke izitolo ezingabhalisiwe ezinsukwini eziwu-21 nezingayilandeli imigomo yezempilo, zizovalwa.
Uthe amathimba ahlanganisa izinhlaka ezehlukene azohambela kulezi zitolo, yilapho kugcinwa khona ukudla nalapho kwakhiwa khona, ukuhlola indlela yokusebenza, wathi izitolo okuzotholakala ukuthi ziyathinteka ekudayiselweni kwabantu ukudla okunobuthi noma kugcinwa kuzo amakhemikhali ayingozi, zizovalwa.
URamaphosa uthe umkhankaso wokungena isitolo nesitolo nokuvakashela abadayida ukudla emgwaqweni uzoqala eGauteng, waveza ukuthi ukuhlola zonke izitolo kuzothatha inyanga eyodwa.
I-IFP kuzwelonke ithe iyakuxhasa lokhu kungenelela kukahulumeni ekulweni nalesi sihlava.
Oyikhulumelayo, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kuyancomeka ukubeka phambili impilo yabantu bakuleli, okwenziwa uhulumeni wokubambisana.
“I-IFP inxusa abezomthetho ukuthi basebenze ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi imigomo ebekiwe iyasetshenziswa ukulwa nalesi sihlava,” usho kanje.