KUZOKWENZIWA umfuziselo wethusi weSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini nowayenguMengameli wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela eMitchell Park, eThekwini.
Le mifuziselo izokwakhiwa ngemuva kokuthi umhlangano wamakhansela alawula uMkhandlu weTheku ngoLwesibili ugunyaze ukuthi yakhiwe.
Le mifuziselo izokwakhiwa iSivanda World Peace and Community Development Foundation okuyiyona ezothwala wonke umsebenzi kubalwa nezindleko kanti umkhandlu wona uzobe uqaphe umsebenzi.
Ngokombiko owethulwe emhlanganweni ngoLwesibili, ukwakhiwa komfuziselo weSilo kuhloswe ngawo ukubungaza njengoba iMbube isiqede iminyaka engu-45 isesihlalweni.
Isilo samaBandla isona esesihlale esihlalweni isikhathi eside uma kuqhathaniswa nezinye Izilo emlandweni weNdlunkulu kaZulu.
Umsunguli weSivananda Wolrd Peace and Community Development Foundation, uMnuz Ishwar Ramlutchun, obuye abizwe ngoMntwana uMabheke osondelene kakhulu neSilo uthe lo mfuziselo kulindeleke ukuthi ube usuphelile ukwenziwa ngoSepthemba.
Uthe ngeke aze azidalule izindleko zalo msebenzi.
“Ngalo msebenzi sihlose ukuveza ukujula komlando wesifundazwe saKwaZulu-Natal esinezinhlanga ezixubile, lapho kukhona umlando wamaZulu, amaNdiya namakhaladi,” kusho uRamlutchun.
Uthe lo mfuziselo uzosebenza njengesibonelo sokukhombisa ukubuyisana, ukubekezelelana nokuzibophezela kwalabo abalwela inkululeko ukuze iNingizimu Afrika ibe nentando yeningi.
Khonamanjalo, Isilo sizobe sinomcimbi lapho sizobe sigubha iminyaka engu-70, sazalwa esigodlweni saso eNyokeni KwaNongoma kusasa.
Ngonyaka odlule ngesikhathi sigubha iminyaka engu-69, imbube yathi ifuna imigubho yalo nyaka ibe mikhulu kakhulu.