SISHOSHOVU esilwa nokusetshenziswa kwezingane ezincane ezimbonini ezihlukene, uMnuz Kailash Satyarthi, sithi kuzodingeka u$53 billion ukuqeda nya isihlava sokusebenza kwezingane ezincane emhlabeni jikelele.
USatyarthi uthe ayinkulu neze imali edingekayo uma izofakwa ngamazwe acebile azimisele ukulekelela amazwe ampofu ukuba aqede umkhuba omubi.
"U-$53 billion awumkulu neze ngoba e-United States izicebi zakhona zisebenzisa u$22 billion zithenga ugwayi ngesonto elilodwa. Le mali izosiza ukukhipha izingane ebugqileni bokusebenza zisencane. Kufanele siqinisekise ukuthi zonke izingane ziyafunda, zinokudla okwanele futhi zithola ukunakekelwa kwezempilo okusezingeni," kusho uSatyarthi.
Uthe kubalulekile ukuthi imfundo ibe mahhala, igxile kwezobuchwepheshe ukuze ikwazi ukuhlomisa oyitholayo ngamakhono azomsiza ukuphila.Umqondisi jikelele we-International Labour Organization, uMnuz Guy Ryder, uthe wonke amazwe kufanele azibophezele esivumelwaneni esizosayinwa eThekwini njengoba bezimisele ukuqeda nya umkhuba wokusetshenziswa kwezingane ngonyaka ka-2025.
UNgqongqoshe wezemiSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, uthe ingqungquthela yokulwa nokusetshenziswa kwezingane yenzeka eThekwini ngoba kuningi iNingizimu Afrika esikwenzile ukuvikela amalungelo ezingane.
Uthe iNingizimu Afrika iyisibonelo kwamanye amazwe ase-Afrika, okuthi uma kuqiniswa umthetho izingane ziyavikeleka.Uthembise ukuthi uMnyango wezemiSebenzi uzosiqapha ngeso lokhozi isimo kuyo yonke imikhakha ukuqinisekisa ukuthi izingane zivikelekile.
UMnuz James Quincey, oyisikhulu esiphezulu sakwaCoca Cola emhlabeni jikelele, uthe benza isiqiniseko sokuthi imikhiqizo abathaka ngayo iCoca Cola bayithenga kubalimi nasezinkampanini ezingaqashile izingane.
Uthe ngonyaka bahlola izinkampani eziwu-2 500 abathenga kuzoba ukuqinisekisa ukuthi aziqashile izingane, zilandela imithetho yabasebenzi futhi zibaholela iholo elikahle.
UMengameli weCosatu, uNksz Zingisa Losi, uthe ukuqeda umkhuba wokuqashwa kwezingane akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela kodwa ngowezinyunyana, abathengi nezinhlangano ezisiza umphakathi.
Ucele ohulumeni bamazwe aseAfrika ukuthi uma bathathe izinhlelo zamazwe aphesheya zokuqeda ukuqashwa kwezingane ezimbonini ezihlukene, baqiniseke ukuthi lezo zinhlelo ziyahambisana nesimo saseAfrika.
UNkk Jutta Urpilainen, ongukhomishana we-European Union, uthe bazotshala u-10 million Euros kwezemfundo ukuze baqinisekise ukuthi izingane ziyafunda azisebenzi zisencane.
Uveze ukuthi benza isiqiniseko sokuthi emaplazini ka-cocoa azikho izingane eziqashiwe futhi abasebenzi nabalimi bathola imali efanele umkhiqizo wabo.
Udonse ngendlebe abathengi ukuthi bafunde ukuthi imikhiqizo abayithengayo kusukela kwekagesi, oshokoledi nokunye okubajabulisayo kukhiqizwa emazweni avikela izingane.
"Abathengi baneqhaza elibalulekile ekulweni nokusetshenziswa kwezingane ezincane ezimbonini. Yibona abazowuqeda umkhuba ngokugodla imali yabo, bangathengi impahla ekhiqizwe yizingane. Ohulumeni nabo kufanele baqinise umthetho, kukhishwe abahloli boMnyango wezabaSebenzi ukuze bahlawulise kanzima izimboni eziqasha izingane," kusho uNkk Urpilainen.