BAZOKWAZI ngoSepthemba ukuthi bayaluthola uxhaso lwamabhizinisi noma cha ababefake izicelo zoxhaso kwi-Operation Vula Fund.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal wazisa abantu ngokuqhubekayo kulesi sikhwama.
UNksz Mkhethi Sibisi obhekelele ezokuxhumana kulo mnyango uthe bathole izicelo eziwu-26 000 kanti njengamanje ziyacutshungulwa.
Uthe bazokhipha imali maduze njengoba sebesesigabeni sokugcina sokuhlunga abazoxhaswa ngaphansi kwesigaba esibizwa ngo-tier 1 se-Operation Vula Fund eMkhanyakude. Lesi sigaba sizophothulwa ngo-Agasti 30.
Ngonyaka odlule uhulumeni wayebeke eceleni uR191 million ukuxhasa osomabhizinisi ku-tier 1 we-Operation Vula. Kuxhaswa amabhizinisi adinga uxhaso luka-R50 000 nangaphansi. Uxhaso luyakhula ngokwezigaba kusukela ku-tier 1 kuya ku-tier 3.
“Abafake izicelo zoxhaso ngaphansi kuka-tier 1 bazoqala ukwazisa ngemiphumela ngoSepthemba. Uma kushaya uSepthemba 30 bengaziswanga ukuthi izicelo zabo zihambe kanjani, kufanele bazi ukuthi izicelo zabo aziphumelelanga. Labo akade sebesayine izinkontileka nabathole amasheke bazothintwa uma sekuqala uhlelo lokukhishwa koxhaso,” kuchaza uNksz Sibisi.
Uthe ukubhekwa kwezicelo eziku-tier 2 no-tier 3 kuyaqhubeka njengoba amathimba abo ecubungula zonke izicelo ezifakwe ngabantu baKwaZulu-Natal.
Uxolisile ngokubambezela okube khona esho nokuthi bazoqhubeka nokwazisa abantu ngokwenzekayo njalo.