UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usekhumbuze abantu bakuleli ukuthi isimo kusangenzeka sishube kakhulu ngaphambi kokuthi kube ngcono empini yokunqanda ukusabalala kwegciwane iCovid-19. URamaphosa uveze lokhu ngesikhathi evakashele isifundazwe iKwaZulu-Natal ukuzohlola ukuthi isifundazwe siqhuba kanjani empini yokulwa naleli gciwane.
URamaphosa uhlabeke umxhwele ngesethulo esenziwe nguNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala ngezinhlelo zesifundazwe zokubhekana neCovid-19.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/COVID19?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#COVID19| KZN Premier Sihle Zikalala @sziks in his capacity as Chair of the KZN Command Council briefs the President on the province’s response to curbing the spread of the #coronavirus #Day40ofLockdown #StayHome pic.twitter.com/7D7FtB9Vz3
— Presidency | South Africa 🇿🇦 (@PresidencyZA)
"Iyancomeka kakhulu indlela enibhekane ngayo nezinselelo ezidalwe yiCovid-19. Ngifisa nokunishayela ihlombe ngendlela enibhekane kahle ngayo nezinselelo ngokusebenzisa izinhlaka zikaSukuma Sakhe," usho kanje.
IKwaZulu-Natal ingesinye sezifundazwe ezishayeke kakhulu ngeCovid-19 kuleli njengoba bengaphezulu kuka-1000 abahaqekile.
URamaphosa uthe isibhedlela esisha esizovulwa iDr Prixley ka Seme sizolekelela empini neCovid-19 athe isazoshuba ngokwemibono yososayensi kuleli.
"Lesi sibhedlela sizolekelela empini yeCovid-19 uma kwenzeka sekushoda imibhede. Ososayensi sebesazise ukuthi kuseza ukusabalala kwegciwane okunamandla kuleli, ngakho isibhedlela esifana nalesi nezinye esezikhona kuzolekelela kakhulu. Okubalulekile ukuthi sinciphise isivinini sokusabalala kwegciwane" kusho uRamaphosa.
Umengameli uveze lokho nje uZikalala uthe sekunendawo yesibili abazoyiqapha njengeTheku ngokusabalala kwegciwane, isifunda iLembe, ngenxa yokukhula ngesivinini kwesibalo sabantu abahaqekile khona.
URamaphosa ngesikhathi eKwaZulu-Natal uvakashele umuzi wowayeyisishoshovu empini nokubandlululwa kwabamnyama kuleli ,uMnuz Archie Gumede eMayvile eThekwini. Uvale uhambo lwakhe e-Agricultural Royal Showgrounds eMgungundlovu.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/COVID19?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#COVID19| President @CyrilRamaphosa on a walkabout at the Agricultural Royal Showgrounds in Pietermaritzburg in KwaZulu-Natal. The site has been designated as a quarantine/ isolation facility for COVID-19 patients. #Day40ofLockdown #CoronaVirusSA #StayHome pic.twitter.com/gViyf8LkQF
— Presidency | South Africa 🇿🇦 (@PresidencyZA)