UKUPHUMELA obala ngobulili sekwaba insakavukela umchilo wesidwaba njengoba nomphakathi wabantu abathandana nobulili obufanayo i-lesbian, gay, bisexual, and transgender (LGBT) ukweseka lokhu.
Kubalulekile ukuphumela obala ngobulili bakho ngoba ukuzifihla kwenza kube nzima ukuzithanda nokuzamukukela.
Ochwepheshe abazi kabanzi mayelana nabantu abathandana nabantu abanobulili obufana nobabo, bathi kuyisinqumo esinzima ukuphumela obala ngobulili ngoba kudinga isibindi kodwa yinto okumele yenziwe ngoba ukuzifihla kudala izinkinga eziningi ezifana nokungazethembi noma ukushada nomuntu ongamthandi.
Ukuphumela obala ngobulili kunomthelela omuhle empilweni nasengqondweni yomuntu nasothandweni umuntu ophumele obala azifaka kulo.
Ukutshela umndeni noma abazali ukuthi uthanda abantu abanobulili obufana nobakho akusiyo neze into elula.
Uchwepheshe wasikhungo iGay Theraphy Center, uDkt Adam Blum uthi akusiwo umqondo omuhle ukuphumela obala kubazali bakho uma lokho kuzolimaza ukuphila kwakho, imfundo yakho futhi kukuqedele indawo yokuhlala.
“Kungcono ulinde uze ukwazi ukuzimela uphinde ube nabantu abazokweseka isimo sobulili bakho,” kusho uDkt Blum. Uthe kubalulekile ukubekezele nokulindela ukuphoxeka nezinyembezi ngoba kujwayeleke ukuthi umndeni uthathe isikhathi ukuqonda isimo somuntu othanda abantu abanobulili obufaba nobakhe.
UTHISHIWE Ziqubu nesithandwa sakhe uMandisa Nduna
Ukuphumela obala ngobulili emsebenzini
Kungaba nokungakhululeki ukuphumela obala ngobulili bakho emsebenzini.
UDkt Blum uthi kubalulekile ukungabufihli ubulili bakho ezinkulumweni oba nazo nozakwenu.
“Kubalulekile ukuthi uqale uhlolisise indawo osebenza kuyo uma ufuna ukudalula isimo sobulili bakho emsebenzini.
Uma abaphathi bakho bengenankinga ungaphumela obala ngoba ukungakwenzi lokho kungadala ukuthi uthikamezeke emsebenzini wakho. Ukuthikamezeka emsebenzini kunomthelela omubi ekusaseni lakho,” kusho uDkt Blum.
Ukuphumela obala ngobulili kubangani
.
Abangani kuvame ukuba ngabantu abashesha ukuqonda nokwamukela isimo sobulili bakho. UDkt Blum uthi abangani bajwayele ukuzibonela bona ngezenzo zakho ngakho kubalulekile ukungazifihli.
“Kumele ulinde uze ube nesiqiniseko sobulili bakho ngaphambi kokuba ubudadule kubangani bakho ebese uphumela obala futhi uzethembe ukuze uzoba nokuzwana okuneqiniso nabangani bakho,” kusho uDkt Blum.
Sekujwayelekile ukubona osaziwayo bakuleli abaningi bephumela obala ngobulili babo, okukhombisa ukukhululeka nokuzamukela ngesimo sobulili babo.
USomizi Mhlongo, Nomsa Buthelezi, Phelo Bala, Mandisa Nduna noThishiwe Ziqubu bangabanye bosaziwayo asebenesikhathi bephumele obala ngobulili babo.