KUYAQHUBEKA ukuhlonzwa kwezidumbu kulandela ukuwa kwebhilidi elingamafulethi ayizitezi ezinhlanu ngoMsobuluko odlule.
Ukuwa kwaleli bhilidi elisemgwaqweni u75 Victoria, eGeorge kwathusa abaningi ezweni lonke kanti umsebenzi wokutakula abangakatholakali usaqhubeka yize sekuphele amahora angaphezu kuka-211 kwenzeka isehlo.
Umbiko wakamuva oqinisekiswe wumasipala waseGeorge uthi babengu-81 abasebenzi abebekhona ngosuku lwesehlo, bangu-62 abatholakele, bangu-12 abasesibhedlela, bangu-33 abashonile kanti bangu-19 abangakatholakali.
Kwabashonile, bangu-27 abesilisa kanti abesifazane bayisithupha.
Umasipala waseGeorge uveza ukuthi uyaqhubeka umsebenzi wokuhlonza abalimele nabashonile kanti bangu-47 abagilwa asebaxhunyaniswe nemindeni yabo.
Umsebenzi wokuhlonzwa kwezidumbu owenziwa amaphoyisa ngokubambisana nabezempilo esifundazweni iWestern Cape uthela izithelo ezinhle njengoba sekuhlonzwe izidumbu ezingu-18. Kulezi zidumbu ezihlonziwee zingu-14 ngezabesilisa kanti ezine ezabantu besifazane. Kubo bonke abashonile asebahlonziwe, bayisikhombisa abakuleli, kanti abakwamanye amazwe bami kanje:
- Zimbabwe: 3
- Lesotho: 1
- Malawi: 5
- Mozambique: 2
Umasipala waseGeorge uyaqhubeka nesicelo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo ukuba ixhumane namaphoyisa ukuze kuzosizakala nalabo abangakahlonzwa.