SIYAQHUBEKA isihlava sokusocongwa kwamakhosi KwaZulu-Natal, njengoba izolo kusocongwe Inkosi Maxwell Mandlakayise Nxumalo (71).
UNxumalo udutshulwe ngaphandle kwenkantolo yesizwe eNazareth, eMnambithi.
Ngokwemibiko, uNxumalo udutshulwe ngesikhathi uvula isango lenkantolo yesizwe.
Abahlali bakule ndawo abebephawula ezinkundleni zokuxhumana ngokusocongwa kukaNxumalo, bakhale ngezinga lobugebengu abathe liphezulu kule ndawo.
Abahlali bebekubeka kucace ukuthi ukuhlala kule ndawo akuphephile.
Baveze ukuthi sebeyasaba ukuhlala kuyona, bababaza nesenzo sokusocongwa kukaNxumalo.
UNxumalo kuthiwa uhlaselwe abalisa abebehlomile, abavele bavulela ngenhlamvu.
Uphangalalele endaweni yesigameko.
Ukudutshulwa kwakhe kulandela ukusocongwa kwamanye amakhosi nezinduna esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ngokwemibiko yakamumva kunamacala angaphezu kuka-42 okubulawa kwabaholi bomdabu abikiwe esifundazweni kusukela ngo-2012.
Umnyango wezokuBusa ngokuBambisna neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uzwakalise ukushaqeka ngokusocongwa kukaNxumalo.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse ukuba amaphoyisa abophe ngokushesha abathinteka kulobu bugebengu.
UHlomuka uthe njengomnyango bakhathazekile ngokuqhubeka kwalesi sihlava sokusocongwa kwabaholi bomdabu esifundazweni.
Uthe umnyango usebenza ngokuzikhandla, ukuqhamuka namaqhinga okulwa nokusocongwa kwabaholi bomdabu.
“Njengomnyango sisebenza ngokubambisana namaphoyisa neminye iminyango kahulumeni, ethintekayo ukulwa nesihlava sokubulawa kwezinduna.”
Uhulumeni waKwaZulu-Natal usanda kumemezela ukusungulwa kophiko oluzophenya ngokusocongwa kwabaholi bomdabu esifundazweni.
UHlomuka uthe imizamo kahulumeni wesifundazwe isiyaqala ukuthela izithelo.
“Muningi umsebenzi esiwubonayo wenziwa amaphoyisa, njengoba sesibone kuboshwa inqwaba yabasolwa ngokusocongwa kwabaholi bomdabu.”
UHlomuka unxuse abaholi bomdabu KwaZulu-Natal ukuba baqine idolo kulobu bunzima ababhekene nabo.
“Engingakusho ukuthi ubuholi bomdabu KwaZulu-Natal ngeke buthuswe yilezi zenzo zobulwane.”