NJENGOBA inyanga kaDisemba kuyinyanga yokuqwashisa ngegciwane lesandulela ngculaza i-HIV, kubikwa ukuthi izigameko zezifo ezithathelana ngocansi kubashayeli bamaloli ziphezulu. Ngokudlanga kwe-HIV kwabathengisa ngomzimba, abashayeli bamaloli basengcupheni yokuchayeka ngaleli gciwane, futhi imiphumela ayithinti bona kuphela, kodwa ithinta ophathina babo, imindeni kanye nomphakathi wonkana.
Inhlangano engenzi nzuzo iLiwe Care Foundation izoba nomkhankaso wokuqwashisa abashayeli bamaloli ahamba amabanga amade ukuthi bengakushalazeli ukuyohlolela lesi sifo ozobe useMontrose Ultra City Truck Shop ngo-23 Disemba.
Ngokusho kwesitatimende esibhalwe yile nhlangano sithe: “Abashayeli bamaloli ahamba amabanga amade bangabasebenzi ababalulekile emnothweni waseNingizimu Afrika. Babhekana nezingqinamba eziningi ezibenza ezibenza babe sengcupheni yezingozi zomgwaqo kanye nobungozi bezempilo njenge-HIV/AIDS.
“Lomkhankaso siwubhekise kakhulu kubo abashayeli bamaloli ukuze sigqugquzele ukuphepha kanye nezimpilo zabo, ukuze senze okuzozuzisa umphakathi,” sisho kanje.
Obekuseqhulwini ngawo lomkhankaso ukuqwashisa ngokuphepha emgwaqeni kanye nokuvinjelwa kwe-HIV/AIDS kubashayeli bamaloli amabanga amade. Ukukhuthaza ukuhlolwa njalo kwezempilo, ukuziphatha okuphephile kokushayela kanye nezindlela zokuvimbela i-HIV kanye nokugxilisa usiko lokuzibophezela nokuphepha emkhakheni wezokuthutha.
UMxumanisi womphakathi nabezindaba kuLiwe Care Foundation, uNksz Ayanda Mthembu, uthe kulomkhankaso bazobe bembambisene ne-Transport Education and Training Authority (TETA) ukuqinisekisa ukuthi abashayeli bayaqwashiswa ngaso lesi sifo, nalabo asebephila naso bethole ulwazi ngokuthi bazihlenga kanjani kuleso simo ukuze baqhubeke bephile kade.