INHLANGANO ebhekela ukuncintisana okuhle phakathi kwamabhizinisi, iCompetition Commission ithi izophenya kabanzi ngokubiza kokudla ezitolo.
Ikhiphe umbiko obizwa nge-Essential Food Pricing Monitoring Report, oveza ukuthi intengo yempuphu, amafutha, isinkwa nenyama ebomvu imba eqolo.
Umbiko weCompetition Commission uveza ukuthi yize ukudla kungabizi kakhulu emaplazini lapho kusuka khona kodwa ezitolo kulokhu kuqhubekile nokunyuka.
Isibonelo nje yintengo kakolweni nesinkwa, yehle ngo-10% ekoteni yokuqala yonyaka kodwa ezitolo intengo yesinkwa ilokhu inyuka ngo-3%.
Intengo yommbila yehle ngo-23% kodwa lokhu akubonakali ezitolo.
ICompetition Commission iveze ukuthi yize ukunqamuka kukagesi kunomthelela omubi embonini yenyama yenkukhu kodwa amaphisisi enkukhu awambi eqolo, yathi izobheka ukuthi lokhu kuyaqhubeka yini njengoba kunyuswe intela ekhokhwa ngabaletha amaphisisi enkukhu avela kwamanye amazwe.
Ibuye yaveza ukuthi abalimi abafuye izinkomo behlile njengoba isibalo sabo sisuke ku-50 000 ngo-2011 sama ku-22 000 njengamanje.
Laba balimi banezinkomo eziwu-12.3 million,
UMnuz Mervyn Abrahams wenhlangano eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe bayawemukela lo mbiko ngoba ukubeka obala abahlale bekhala ngakho ukuthi ukudla kuyabiza ezitolo.
Njengamanje igilosa yomndeni isibiza uR5 124.34 kanti okuphethe kabi u-Abrahams wukuthi ukudla okubizayo yilokho okudliwa yiwo wonke umuntu, okubalwa impuphu, isinkwa namaveji.
“Siyawemukela lo mbiko. Sinethemba lokuthi izitolo zizoyehlisa intengo yokudla njengoba iCompetition Commission isiveze obala. Siyajabula ukuthi le nhlangano isiwenza kahle kakhulu umsebenzi wayo futhi siyazi kusazophenyisiswa ngomnyombo wokubiza kokudla uma sekusemashalofini asezitolo,” kusho u-Abrahams.
Uthe babonile kwehla intengo kagaligi neyamafutha, emuva kophenyo lweCompetition Commission, ngakho bayathemba namanje ukudla kuzokwehla.
Uphakamse ukuthi abanikazi bezitolo ezidayisa igilosa kufanele benze umbiko wezimali oqondwa yiwo wonke umuntu ngoba kuyavela ukuthi inzuzo yabo inyuke ngo-26%.
Mayelana nesikhalo sezitolo, ukuthi zinezindleko zama-generator asebenza uma kunqamuke ugesi, u-Abrahams uthe zidlala ngabathengi ngoba uhulumeni uzenzele izinhlelo zokuzixhasa uma zifaka ama-solar azosiza ngogesi welanga.
Ucele abanikazi bezitolo ukuthi babike ngemiholo yezikhulu zezinkampani neyabasebenzi, wenza isibonelo sokuthi iyashaqisa imali eholwa yisikhulu saseShoprite, uma iqhathaniswa nomholo womsebenzi oshaya umshini.
Uthe kufanele uhulumeni aqinisekise ukuthi abalimi abancane abayikhokhi intela ekhokhwa uma uthenga impahla, i-value added tax uma bethenga izinsiza zokulima njengoba kwenzeka kubalimi abakhulu.
Lokhu uthe kungasiza ukwehlisa intengo yokudla.
Ucele iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) ukuba liyeke ukunyusa imali-mboleko ngoba abantu kabanayo imali, seziyabaklinya nezifociya.