IMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ixwayise abantu ngokwakha imizi yabo eduze kwemifula.
UKaunda izolo ubeyohlola umonakalo eZwelisha eVerulam.Le ndawo ikhahlanyezwe imvula enamandla ngoMgqibelo.
Kuyona kuphume izidumbu ezimbili ngenxa yemvula, konakala ingqalasizinda kagesi, eyamanzi kanjalo nemigwaqo.
Isidumbu sikaNksz Ncamisile Zungu (52) nesikaSelu Zungu (3) zitholwe ngaphansi kwendlu kathayela abebehlala kuyo. Kuthiwa bacindezelwe wudonga obelubiye umuzi kamakhelwane.
Ekhuluma nabezindaba, uKaunda uthe: “Siyaqhubeka nokuxhumana nemiphakathi yethu ukuyixwayisa ngokuthi akulungile ukwakha osebeni lomfula.”
UKaunda uthe ukwakha indlu ngasemfuleni akulungile ngoba uma kufika imvula enamandla, ibeka impilo yalabo abasuke bakhe kuleyo ndawo engcupheni.
Ube esecela amalungu omphakathi wale ndawo ukuthi agade izingane, zingadlaleli emfuleni ngoba kungenzeka ukuthi kube khona izinto ezehlukene ezingabeka impilo yazo engcupheni.
Uqhube wathi kungaba nokungcola okungazigulisa kanjalo nezilwane eziyingozi okungenzeka ukuthi zimuke namanzi avela kweminye imifula njengoba kube nemvula enamandla.
Ubuye waveza nokuthi amathimba avela ezinhlakeni ezehlukene zikahulumeni aphansi phezulu ahlola umonakalo, wathi bazokwazi uma eseqedile ukuthi ubemkhulu kangakanani.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe isibalo sabashone ngezikhukhula zangoMgqibelo sesenyukele kwabayisithupha.
Uthe bonke laba kuvele ukuthi bakuMasipala weTheku.