KUWE umuthi omkhulu endimeni yezokusakaza nokulingisa ngokudlula emhlabeni kwenye yezingqalabutho, uMduduzi Hlophe odabuka endaweni yaseMatimatolo, eGreytown. Lezi zindaba ziqinisekiswe udadewabo kamufi, uNkk Bongekile uMaHlophe Chonco.
Uthe uHlophe udlule emhlabeni namhlanje kwakhe ePimville, eSoweto namhlanje ekuseni. “Ubengaguli kodwa ubesenamahlalakhona ngenxa yobudala njengoba ubeseneminyaka engaphezu kuka-70. Angikabi nayo imininingwane egcwele ngenxa yokuthi bengingekho ekhaya,” kusho uNkk Chonco.
UHlophe waqala enguthisha ezikoleni zangakubo eGreytown. Wazakhela udumo ngokuba wumsakazi wokuqala weRadio Bantu eThekwini ngaphambi kokufudukela eGoli eseyofunda izindaba izindaba zesiZulu esiteshini iTV2 (osekunguSABC 2) eGoli.
Ubuye wabhala imidlalo yethelevishini okubalwa kuyo othi Senzekile, Ngibuyela Kwabakithi nothi Hlela Imindeni.
Izwi lakhe lalibuye lizwakale emdlalweni wethelevishini owawuthi Deliwe, lapho ayethatha ababukeli ebabeka ngalo mdlalo. UNkk Chonco uthe umnewabo ushiye emhlabeni izingane ezimbili okunguNkk Tholakele Mpungose noMnuz Ntuthuko Hlophe.