KULOKOZA inhlansi kubantu abaningi ngokuvulwa kabusha kwedokodo elimayelana nokuthi wafa kanjani loyo owabe engumengameli we-African National Congress (ANC), uChief Albert Luthuli.
Lokhu kushiwo ngusihlalo weChief Albert Luthuli Museum uDkt Mxolisi Mchunu obekhuluma izolo, eGroutville, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iLuthuli Peace Walk.
ILuthuli Peace Walk izokuba ngomhlaka-20 Julayi khona eGroutville.
UMchunu uthe uMnyango wezoBulungiswa kuzwelonke yiwona obanikeze isiqiniseko mayelana nodaba lwedokodo.
"Kuhle ukuthi idokodo lizovulwa kabusha ukuze sithole iqiniso ngokufa kukaLuthuli," usho kanje.
Uveze ukuthi lolu daba kuyimanje lusezandleni zoKlebe.
ULuthuli owaba ngowokuqala ukuhlonishwa ngeNobel Peace Prize kuthiwa wafa ngokushayiswa yisitimela eseThembeni.
Mayelana nomjaho, uthe uzothuthukisa umnotho iphinde ukhuthaze ezemidlalo kubantu bakule ndawo. Lokho uthe kuhle ngoba uLuthuli wayezifela ngezemidlalo.
Ilungu lomndeni, uNkk Velile Luthuli, lithe kuyabajabulisa ukukhunjulwa kukaLuthuli ngale ndlela.
Naye uthe kuhle ukuthi idokodo lizovulwa kabusha. Uthe njengomndeni bafuna ukuthola ukuthi wafa kanjani uLuthuli.
IMeya yesiFunda iLembe, uMnuz Thobani Shandu, ithe kuhle ukuthi leli qhawe likhunjulwe ngale ndlela.
Obhekelele ezokukhangisa kwiLuthuli Museum, uNksz Valencia Mthembu, uthe bayethemba ukuthi konke kuzohamba kahle ngosuku lomjaho.
Umsunguli walo mjaho, uMnuz Zakhele Gumede, ushayelwe uhlombe ngokuqhamuka nombono ohlukile wokukhunjulwa kukaLuthuli.