INKAMPANI ekhiqiza amanzi i-Umgeni Water, seyikuqinisekisile ukuthi kunabasebenzi bayo abane abasenhloko hhovisi layo eMgungundlovu asebetholakale negciwane leCovid-19.
Abokuqala batholakala ngoJuni 19 kwathi abanye batholakala ngeSonto. Kodwa lokhu akuphazamisanga ukusabalaliswa kwamanzi komasipala nasekuhlanzeni indle.
Okhulumela le nkampani uShami Harichunder uthe bane abasebenzi abasekuvalelweni futhi iziphathimandla zale nkampani zilokhu zixhumana nabo.
Uthe balandele yonke imigomo ephathelene neCovid-19 njengokuhlolwa kwabasebenzi.
"Ibhilidi lapho abasebenzi abathintekayo besebenzela kulo lihlanzwe ngesibulalimagciwane. Bonke ozakwabo akade bexhumene nabo bahlonziwe futhi kwakhulunywa nabo ngemigomo elandelwayo ngeCovid-19 nohlelo oluzolandelwa uma bekhombisa izimpawu."
Uthe ucwaningo lwabo luveze ukuthi lesi sifo asivumbukanga ehhovisi labo elikhulu. Uthe ngoLwesithathu izikhulu eziphezulu zale nkampani zithathe isinqumo sokuvala inhlokohhovisi nelinye ibhilidi elikuBurger Street, okuhlala kulo abasebenzi baseMgeni Water ukuze kuhlanzwe kakhulu.
"Lonke uhlelo luzophuthulwa ngeSonto. Umgeni Water uyaxhumana noMnyango wezeMpilo ngazo zonke izinhlelo zokunqanda igciwane. Abasebenzi baseMgeni Water abakulamabhilidi bacelwe ukuthi basebenzela emakhaya."
Uthe konke kumi ngomumo ukunqanda ukusabalala kwegciwane. Uthe lezi zinhlelo zisiza kakhulu ekungaphazamisekeni kwemisebenzi okulethela abantu amanzi ngesikhathi kuvikelwa abasebenzi egciwaneni.