UMCULI we-Afro pop, uWinnie "Dwinky Dwinky" Khumalo, uchazwe njengomunye wababambe elikhulu iqhaza ekuhlanganiseni i-ANC ngesikhathi yayilaxazwe khona ngabaholi ababeqavile.
Lokhu kuvezwe ngowayeyinhloko yezomgomo yenhlangano ngo-2008, uMnuz Jeff Radebe, enkonzweni yesikhumbuzo sikaWinnie eMarket Theatre, eNewtown, eGoli. URadebe uthe babeshiwe ngabaholi ababenohlonze abanjengoMnuz Mosiuoa Lekota, uMnuz Mbazima Shilowa noMnuz Smuts Ngonyama.
"Ngakho kwakufanele ngiqhamuke neqhinga." URadebe uthe waxhumana nophrojusa uSello Chicco Twala, ukuba kuqoshwe izingoma ezazizogqugquzela abantu ukuba baqhubeke nokweseka i-ANC. Kubaculi ubale uDeborah Fraser, uNothi Ntuli, uPeter Mokoena noWinnie. Uthe wabe esenikela emzini yaloyo owayengumengameli we-ANC, uMnuz Jacob Zuma eNkandla, lapho uZuma achazwa khona ingoma eyayihlatshelelwa nguWinnie ethi Mina Ngiyohlala Nginje, Ngiyi-ANC.“
Esephetha uRadebe, uthe lengoma yafike yagila izimanga kwiJanuwari Statement eKhayelitsha, e-Eastern Cape, kanti ikuphindile lokho nakule nyanga.
UChicco uvumelane noRadebe ngeqhaza likaWinnie ekubumbeni i-ANC. Izingane zikaWinnie, uThando noRethabile Khumalo, zivalelise kunina ngezingoma kwachazeka izithameli.
Uhlelo lwenkonzo beluphethwe nguNtombeningi noSomizi Mhlongo, kanti kwabaduduze izithameli kubalwa uKholeka, Themba, Khulekani noPu2ma. Phakathi kosaziwayo ebebekhona kubalwa u-Ebony, Ihhashi Elimhlophe, DJ Cleo, uDJ Oskido, Thembinkosi Nciza nabanye.