Seluqalile uhlelo lokufuna ozongena esikhundleni sokuba yiphini lomvikeli womphakathi. Isikhundla sivuleke emuva kwezinguquko ezenzeke ehhovisi lomvikeli ngemuva kokuthi obephethe isikhundla u-Advocate Kholeka Gcaleka, enyuselwe kwesoMvikeli woMphakathi.
U-Adv Gcaleka wenyuselwe esikhundleni esikhulu emuva kokuthi ebahlule bonke ababefake izicelo zomsebenzi. Ukuqokwa kwakhe kwenanelwa wumsindo lapho umphakathi usola ukuthi wenzelelwe.
U-Adv Gcaleka ubevala isikhala sika-Advocate Busisiwe Mkhwebane, okuphele inkontileka yakhe. Nakuba kwaphela inkontileka kodwa u-Adv Mkhwebane uphume kungasekuhle esikhundleni futhi uke wamiswa kwabamba u-Adv Gcaleka.
USihlalo wekomiti lezoBulungiswa ePhalamende, uMnuz Bulelani Magwanishe, umemezele ukuthi sekuvuliwe ukwamukelwa kweziphakamiso nezicelo zabagaqele isikhundla. Ukufaka izicelo kulindeleke ukuthi kuvalwe ngoFebhuwari 16, bese kuqala umshikashika wokuhlunga abakhethiweyo.
Iphini lomvikeli womphakathi linikezwa inkontileka yeminyaka eyisikhombisa kanti kungenzeka ivuselelwe uma iphela. Isikhundla siza neholo elinguR ,1 924, 542 ngonyaka bese kuhambisana nemihlomulo econsisa amathe.
Umshikashika wokukhetha umuntu ofanelwe yisikhundla uqala ePhalamende, okuyilona elenza inhlolokhono esuke ibonwa yizwe lonke.
Uma iPhalamende selisefile, lasala negama lomuntu elimbona efanelwe yisikhundla, lidlulisela kumongameli wezwe okunguyena oqoka umuntu.