BADELE amakhaya babeka impilo yabo engozini abesilisa abaphume ukuyothungatha ibhubesi ezindawo ezakhele isiqiwi iHluhluwe iMfolozi Park (HiP), emuva kokweqa kwelinye elibonakale litanasa eNjomelwane, Olundi izolo ekuseni.
Izolo uMnuz Smilo Khanyile onguNobhala wekomiti lomphakathi elibizwa nge-Okhukho and Njomelwane Community Committee, uthe selokhu kubonakale ibhubesi, amadoda omphakathi anikele ezintabeni eyolifuna.
Ugcizelele ukuthi ngeke balale bakhululeke lingakatholakali.
"Isimo sisenzima sihlala sisaba ukuhlaselwa yizilwane yingakho size sathatha isinqumo sokubiya eduze kwesiqiwi ngoba uma izilwane ziphumile ziyingozi. Sizothumela umbiko ophelele uma sesehlile lapha entabeni ozochaza konke esikufunayo nokuthi utheni ungqongqoshe kithina njengoba ebefikile izolo (ngoLwesibili)," kusho uKhanyile.
AbezeMvelo KZN Wildlife bathe bakhiphe ithimba ukuba liyofuna ibhubesi elibonakale eNjomelwane. UMnuz Musa Mntambo obhekele ezokuxhumana kweZemvelo KZN Wildlife, ukuqinisekisile ukuthi bakhiphe ithimba eliyofuna ibhubesi. Uthe bazowabala amabhubesi abo asesiqiwini ukuqinisekisa ukuthi aphelele yini.
NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nezokuVakasha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, ubehambele imiphakathi eyakhele iHiP, eyozibonela okwenzekayo nokukhuluma nawo.
Uthe uzimisele ukuqinisekisa ukuthi umphakathi owakhe eduze nezilwane zasendle, uhlala ngokuthula.
Uthembise ukuthi uzoxhumana naboMnyango wezoLimo neminye ukuqinisekisa ukuthi izilwane zinamanzi anele nokudla ukuze zingeqi esiqiwini bese ziyodla imfuyo yomphakathi.
Ucele imiphakathi eyakhele iHiP ukuthi ihlale iqaphile ngesikhathi isimo sisalungiswa, uthembise ukuthi ucingo luzolungiswa. Imiphakathi eyakhele iHiP isiqalile ukuzilungisela ucingo njengoba ifuna ukugcina izilwane ngaphakathi esiqiwini.
Izinsiza zokubiyela zinikelwe ngosomabhizinisi kanti umphakathi uthe awufuni isiqiwi sihambe noma sivalwe kodwa ufuna kube nokuphilisana okuhle phakathi kwawo nezilwane zasendle.
I-video ebisisabalele ezinkundleni zokuxhumana izolo, ishiye abaningi bethukile, abanye bekhathazekile.