AMAPHOYISA aphume inqina athungatha abasolwa abane okusolakala ukuthi bagqekeze umuzi bathumba owesifazane ophila nokukhubazeka bamphoqa ukuba athumele uR50 000 nge- App bemkhombe ngesibhamu.
Kuvela ukuthi phambilini umgilwa wake wabandakanyeka engozini yemoto eyamshiya ekhubazekile ehamba ngesihlalo esinamasondo.
Kuvela nokuthi wabe esethola imali yesinxephezelo evela kwaRoad Accident Fund (RAF), isamba sayo esingaziwa.
Kuthiwa wabiza abantu ebabemsebenzela elungisa ikhaya kabusha.
Omunye wabasolwa oneminyaka engu-29 uvele usekhalelewe ngamasongo kaSigonyela wase evela ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Ngokuthola kweSolezwe, ngoLwesihlanu olwedlule ngehora leshumi ekuseni kugasele amadoda amahlanu emzini oseWybank, ePinetown.
Kuthiwa amadoda afike akuveza ngokusobala ukuthi afuna bani neselula yakhe.
Umthombo uqhuba uthe laba bantu babe sebephoqa umgilwa ukuthi avule i-app yebhange lakhe bese ethumela imali engango-R50 000.
Kwenzeka lokhu nje kuvela ukuthi abagilwa babethunjwe kusukela ekuseni baze baphunyuka ngehora lesihlanu ntambama.
“Nakuba kungaqondakali ukuthi kukhona yini ukuhlobana phakathi komgilwa nabasolwa kodwa kukholakala ukuthi bacashe eMariannhill,” kusho umthombo.
Awubange usadalula ukuthi baphunyuke kanjani ogibeni, umsolwa ubanjwe kanjani nokuthi kwenzekeni ngemali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko sokuboshwa komsolwa nokuvela kwakhe enkantolo.
Uveze ukuthi ngoLwesihlanu olwedlule umgilwa wayekade ehleli kwakhe nendodakazi yakhe ngesikhathi kungena owesilisa wabakhomba ngesibhamu.
“Kwaphinde kwangena abanye besilisa abathathu endlini. Abagilwa bavalwa amehlo bathathwa bayiswa endaweni engaziwa lapho bafike baphoqwa khona ukuthi bathumele imali,” usho kanje.