ZILINGANISELWA enanini likaR80 million izidakamizwa ezitholwe amaphoyisa echwebeni laseThekwini.
Lokhu kuvezwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda esitatimendeni asithumelele abezindaba.
Ngokusho kwakhe, zonke lezi zidakamizwa obekungezohlobo lwe-cocaine, zitholwe kwikhonteyna.
“Amaphoyisa athole ulwazi ngomkhumbi okuthiwa wasuka eBrazil ekuqaleni kwenyanga edlule, unekhonteyna eyayilayishwe icocaine, kwaqanjwa amanga kwathiwa ilayishwe uhlobo oluthile lukabhontshisi (kidney beans),” kusho uNetshiunda.
Uthe lo mkhumbi ofike eNingizimu Afrika usudlule nakwelinye izwe, ubulokhu ugadiwe kwaze kwaba uyatheleka echwebeni laseThekwini ngoMgqibelo.
“Amaphoyisa ayithathe ayiyisa enqolobaneni esemgwaqweni uSouth Coast eBluff ukuze iyopeqululwa kahle. Ngesikhathi ipheqululwa, kutholwe izikhwama eziyisishiyagalombili zecocaine egayiwe,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngokwemibhalo ebonwe amaphoyisa, bekufanele igcine iphelele eGoli.
Uthe uphenyo oluzoveza ukuthi obani abathintekayo ngalezi zidakamizwa, luyaqhubeka.