INYUNYANA yothisha i-National Teachers Union, isola uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokuxhamazela, ukhangisa inqwaba yezikhala zothisha eziku-Post Level One, (PL1) kungalandelwanga imigudu. Kulindeleke ukuthi ukwamukelwa kwezicelo zomsebenzi kuvalwe ngoLwesihlanu.
Kusukela umnyango umemezele izikhala ezingu- 747 emasontweni amabili adlule, othisha abangaqashiwe bamatasa behla benyuka befaka izicelo zomsebenzi njengoba kuwuhlelo lokuqala lwalo lo mnyango lokukhangisa izikhala ngendlela evulelekile evumela wonke umuntu ohlangabezana nokudingekayo ukuthi acele umsebenzi.
Yize kunjalo, amathe angase abuyele kwasifuba kwabanye asebechithe imali yabo belungiselela ukufaka izicelo, njengoba ziqina izinsolo eziveza ukuthi kunenqwaba yezikhala ezizohoxiswa okukholakala ukuthi akuhanjiswanga ngendlela kwazise ezinye zazo zikhangiswe sekuvele kunabantu abaqashiwe kuzona.
UMengameli weNatu kuMnuz Sibusiso Malinga engxoxweni neSolezwe, ukhale ngokuxhamazela komnyango njengoba eveze ukuthi maningi amaphutha ohlwini olukhishiwe.
“Umnyango bekumele ulinde, ulandele kahle yonke imigudu ngaphambi kokuthi uphanyeke lo luhlu lubonwe abantu bonke, kube kunamaphutha. Isenzo sawo siwukukhohlisa umphakathi futhi ngiyakholwa ukuthi siqhutshwa izinhloso zepolitiki. Ngaphambi kokukhishwa kwezikhala, bekumele kuqale kuthintwe abahloli nothishomkhulu ngendlela efanele baqinisekise ukuthi izikhala zikhona kulezo zikole ngaphambi kokukhishwa kwesikhangiso. Othisha abangaqashiwe, sebevele bachithe imali befaka izicelo nasezikoleni lapho kuvele kungeke kusathathwa muntu khona ngoba izicelo zivaliwe,” usho kanje.
Ukusho lokhu nje, kunohlu lwezikhala ezingu-33, okwabelwana ngalo ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa zihoxisiwe. UMalinga uthe bayazi ukuthi kukhona izikhala ezikhangiswe kungafanele, wathi umnyango uhlangane nezinyunyana zothisha ukubhunga lolu daba khona izolo, kanti kulindeleke ukuthi umemezele okufinyelelwe kukhona kulo mhlangano.
Omunye wothisha abangasebenzi okhulume neSolezwe, uthe emva kokuphuma kwezikhangiso, ufake izicelo ezindaweni ezintathu ezama inhlanhla.
“Amathemba ami asethanda ukufiphala emva kokuhosha umoya wokuthi ezinye izikhala kungenzeka zihoxiswe. Bengiboleka imali yokugibela ngiye edolobheni eGreytown ukuze ngingene kwi- internet cafe ngoba ngasekhaya sihlushwa yi-network. Kumele ngibuye ngibe nemali yokugaya ama-CV ami, ngakho ngingadumala kakhulu uma kungathiwa lapho ngifake khona izicelo, bekuyizikhala ezivaliwe,” kusho yena.
UMnuz Mfanelo Mncube wenhlangano yothisha abangaqashiwe, i- KwaZulu-Natal United Unemployed Educators, uthe emva kokubhalela ihhovisi loMphathiswa woMnyango uMnuz Sipho Hlomuka ngesonto eledlule bekhala ngento efanayo, bathole impendulo ethi ukukhangiswa kwezikhala kuzobuyekezwa.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi, uthe yihhovisi lomnyango eligunyaza ukukhishwa kwezikhala ngokuxhumana nezinyunyana, ngakho noma yiluphi uguquko olungenziwa ngalezi zikhala, luzoqhamuka kuleli hhovisi.