ZIMAPEKETWANE izinto kuMasipala waseMzinyathi, KwaZulu-Natal ngenxa yokungezwani phakathi kwemeya nozakwabo, okusolwa ukuthi kudalwe isangoma esibhula ngesibuko.
Lesi simo kuthiwa sesiholele ekutheni kube nokungezwani phakathi kweMeya uMfundisi Petros Ngubane neMenenja kamasipala, uMnuz Sipho Ndabandaba nePhini leMeya uNksz Ntombi Mdlalose.
Isolezwe lithole ukuthi ngendlela abangezwani ngayo, imeya isiye kaningi ezangomeni zayitshela ukuthi kunabasebenzi namanye amakhansela angayifuni.
“Isimo sibi ngoba ubesibizile umeya ethi uzositshela ukuthi ubeyobhula esangomeni sesibuko, samvezela bonke abasebenzi abangamfuni. Kumanje itshe limi ngothi kwiMenenja uNdabandaba ngoba umsola ngokuthi akamhloniphi futhi akasafuni nokusayina izinto zakhe. Uxabene ngisho nePhini leMeya uNksz Mdlalose amsola ngokuthi umhlanganyela nezitha. Usemphuce ngisho omunye umnyango abewuphethe, wawufaka ngaphansi kwakhe. Cabanga iphini lemeya abezwani kodwa baseqenjini elilodwa. Izinto nje zonakele akusebenzeki. UNdabandaba uthwele kanzima ngoba usehlale ethuka izanya, usaba umeya. Usebhalele ngisho uMntwana wakwaPhindangene ekhala. Nathi sesiyasaba ngoba uhlale esisabisa ngokusixosha ethi ubeyobhula wasibona esibukweni,” kusho umthombo ongaphakathi. NgoLwesihlanu ekuseni iMeya uNgubane ihlangane nezintatheli yazibikela ukuthi izinto azihambi kahle ngoba kukhona abanye abasebenzi abayiphethe kabi namanye amakhansela.
“Nakuba ngiwumfundisi ebandleni lakithi kodwa ngiyaya kwababonayo okuyizangoma. Ngiye ngaya kwesinye esibhula ngesibuko sangikhombisa bonke abasebenzi abasemkhandlwini abangangifuni. Abanye sengike ngababona esibukweni bebhala amaphepha bethumela kuMengameli wami uMntwana wakwaPhindangene nakuMhlonishwa uMnuz Jacob Zuma osengumengameli ngo-2017 noMhlonishwa uNomsa Dube woMnyango wakwaCogta bawanika nenye intatheli bebhale ukuthi ngigxambukela ohlelweni lwamathenda. Abanye basekhona kodwa abanye abasekho kulabo engababona esibukweni ngiyobhula,” kusho uNgubane. Isolezwe libabuzile ngokungezwani kwabo kodwa bobathathu baphika. IMeya uNgubabe ithe izingane zayo lezi futhi basebenza kahle kakhulu.
“Nakuba ngingeke ngibaphendulele kodwa asikaze sixabane sisebenza kahle njengoba usibona simile phambi kwenu sisobathathu.
Mayelana nokususa uMnyango obuphethwe uNksz Mdlalose, lokho sasikwenze ngoba lowo Mnyango wawuvele ususwe ehhovisi lemeya wafakwa kwelephini ngoba amaqembu ayephethe ngokubambisana ayezama ukwabelana izikhundla,” kusho iMeya uNgubane isikhuluma emini ngemuva kokubikela izintatheli.
UNdabandaba uphendule wathi:“Sisebenzisana kahle nemeya nabo bonke ubuholi. Nokho ngingasho ukuthi zikhonkotha ehambayo, yikho kukhona ababanga umsindo,” kusho uNdabandaba.
UNksz Mdlalose uthe kungamanga ukuthi abezwani, ngisho kunemicimbi imeya ithuma yena uma ibambekile noma iphesheya.
NgoLwesihlanu bekunomhlangano obubizwa ngokuthi iStrategic Planning obuseBattlefield, eDundee, ophothulwe ngeSonto. Yilapho uqhekeko kuthiwa lugqame khona