KUSOLWA ukuthi bezigijima izimoto ezishayisene enye yazo yavutha amalangabi kwashona abantu abayisishiyagalombili, okukhona kubo nezingane ezimbili, eMnambithi ngoMgqibelo ebusuku.
Bashe bawumlotha abantu abane okuthiwa bebehama ngePorsche engozini eyenzeke emgwaqweni uN11 ngaseModel Kloof eduze naseNewcastle ngezithuba zabo-10 ebusuku.
Imoto, okuthiwa ibingenazo izinombolo, ishayisane neToyota Fortuner nayo ebinabantu abane abashone ujuqu.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uthe sekuyamkhathaza ukungcwaba njalo ngenxa yezingozi.
Ekhuluma ezindabeni ze-eNCA izolo uNtuli uthe kubonakala sengathi zombili izimoto bezigijima kakhulu ngesikhathi zishayisana mahlanze.
“IPorsche ibiphuma eNewcastle yashayisana neFortuner yasha yangqongqa. Indlela abashe ngayo abantu abebekwiPorsche kunzima nokusho ukuthi bangobani. Kusolakala ukuthi iPorsche ibisanda kuthengwa njengoba ingenazo nezinombolo, okusenzima nokuthola imininingwane ngabanikazi bayo,” kusho uNtuli.
Uthe ayikatholakali nemindeni yabashone kwenye imoto.
Uveze ukuthi kuyamkhathaza nokuthi le ngozi yenzeka ngenyanga yezokuthutha lapho begcizelela khona ukuphepha emgwaqeni.
Esitatimendeni esithunyelwe wuMnyango kuvela ukuthi emotweni iFortuner bekukhona izingane ezimbili iminyaka yazo engakatholakali.
Isitatimende siveze ukuthi kwiFortuner kutholakale umazisi woyedwa okukhomba ukuthi ngowaseZimbabwe, okukholakala ukuthi yiwona ozosiza ukuthola imininingwane ngabashonile.
UNtuli uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukweseka imindeni yabashonelwe.
Ukhale kakhulu ngokuthi izingozi eziningi zenzeka ngezimpelasonto.
“Ngikhathazekile ngoba ingozi yenzeka sisanda kungcwaba abayisithupha abashone kwenye ingozi ePeacevale. Okubuhlungu kakhulu wukuthi kubonakala sengathi abashayeli namanje abafuni ukuhlonipha umthetho womgwaqo wokwehlisa ijubane. Ngizohlangana nethimba lezemigwaqo ukuzama ukuthi kwandiswe amaphoyisa omgwaqo ngezimpelasonto,” kusho uNtuli.
Uthe bazoqhubeka nezinhlelo zokuqwashisa ngenyanga yezokuthutha nangokuphepha emgwaqeni.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini eMnambithi.
“Kuthiwa izimoto ezimbili zishayisane mahlanze eyodwa yasha yangqongqa nabantu phakathi. Abanye abane bashonele endaweni yengozi. Kusabhekwa imbangela yengozi,” kusho uCaptain Gwala.