AMALUNGU emindeni emibili yabashonelwe ngamalungu ayo, asesole inkinga yokungafakwa kwezithibajubane wuhulumeni, ukuthi iyona eholela ezingozini zomgwaqo ezifuze le ethathe abathandiweyo bayo.
Basho kanje kulandela ingozi eyenzeke eMsahweni, KwaNdengezi, lapho kushayisane khona izimoto ezimbili i-Avanza nePolo, kwashona abantu abane.
Ababili babo ngoMnuz Menzi Nxumalo (25) noMnuz Sbusiso “Javas” Mkhize (29). Bobabili bebegibele i-Avanza ebishayelwa wuNxumalo. Laba abanye ababili, owesilisa nowesifazane, awatholakalanga amagama abo.
UMnuz Mpumelelo Mkhize ongumfowabo kaSbusiso, ukhale ngokuthi ukungalungiswa komgwaqo onamajika amabi wuhulumeni, okwenzeke kuyo ingozi nokungafiki kwabosizo oluphuthumayo ngesikhathi, ngenye yezinto akholwa wukuthi iholele ekushoneni kukamfowabo kule ngozi.
“Kuthe uma ngifika endaweni yesigameko ngabo-9.12 ebusuku, ngafica umfowethu ethe dalakaxa ngaphandle komgwaqo, elimele kabi kubonakala ukuthi ngenkathi kushayisana izimoto, uphume ngefasitela lemoto abeyigibele, ebisivele iphihlike yaphela amafastela.
“Kuthathe amahora amathathu wonke ngaphambi kokufika kwe-ambulensi, engicabanga ukuthi ukube ibifike ngokushesha - ngabe ukhona osindile phakathi kukamfowethu nomngani wami (uMenzi) obephuke unyawo endaweni yesigameko,” kulandisa uMnuz Mkhize.
Umalumekazi kaMenzi, uNksz Nokwethemba Gumede, uthe babuhlungu kakhulu ngokulahlekelwa yindodana yabo. Uthi ngaphambi kokushona kwayo, bafike endaweni yesigameko isabambeke ngaphakathi, bazama ukuyikhiphela ngaphandle.
“Umgwaqo kawunawo izithibajubane. Kuthe esephumile uMenzi, wazama ukukhuluma esichazela ukuthi kwenzekeni. Uthe ubeshayela njengokujwayelekile, wabona esexhoswa kabi ngamalambu emoto, akangabe esabona lutho-ke emva kwalokho.
“Kuthe emva kwesikhathi, kwafika abezimo eziphuthumayo, bamphuthumisa ezibhedlela iRK Khan, ngeshwa washonelwa endaweni yokupaka ngaphandle kwesibhedlela,” kuchaza uNksz Gumede.
Eqhuba, uthe ufisa ukucacisa ukuthi ingamampunge imibiko esabalale ezinkundleni zokuxhumana yokuthi laba abashonile kubalwa nendodana yabo, bekungabafundi baka-matric abebejabulela ukuqeda ukubhala.
“UMenzi mdala futhi kade awuqeda u-matric ngakho kungamanga ukuthi bangabafundi abebeyobhiyozela ukuqeda ukubhala, futhi nasendaweni yesigameko bekungekho muntu osezingeni lokuba wumfundi,” kucacisa uNksz Gumede.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uqiniseke ukuvulwa kwecala eliyamene nalesi sigameko esiteshini samaphoyisa KwaNdengezi.
“Kusolakala ukuthi le ngozi yenzeke ngezithuba zabo-9 kusihlwa ngoLwesithathu, lapho kushayisane khona izimoto ezimbili emgwaqweni u-Old Richmond, KwaNdengezi.
“Abagibeli abathathu abaneminyaka ephakathi kwewu-19 no-26, bashonele endaweni yesigameko. Ababili baphuthunyiswe esibhedlela ukuyothola usizo. Imbangela yengozi ibingakaziwa okwamanje,” kuchaza uConstable Ngcobo.