ABASOLWA bebehamba ngemoto ebomvu yohlobo lweVW Polo emgwaqweni uLark belibangise kuDumisani Makhaye Drive ngesikhathi bevinjwa amaphoyisa.
Ngokusho kwamaphoyisa, abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni, nawo aphendula ngayo.
"Abasolwa abathathu bafe ujuqu ngesikhathi kudutshulwana kwathi sekuhlolwa indawo yesehlo, kwatholakala isidumbu somsolwa wesine okukholakala ukuthi ubezama ukubaleka esedubulekile," kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Abasolwa batholakale nezibhamu ezintathu. Laba bebefunelwa amacala okubulala, ukugebenga nokukhokhisa osomabhizinisi imali yokuvikeleka eThekwini kanti kusazophenyisiswa ukuze kubonakale uma kukhona amanye amacala abathinteka kuwo.