OWASENDLUNKULU kaZulu unethemba lokuthi kuzobavala imilomo labo ababukela phansi usiko lokuhlolwa kwezintombi ukuphumelela kwenduna yezintombi ethenge unyanyavu lwemoto.
UMntwana uTobhi Zulu Zungu, osethimbeni elihlela imikhosi yasendlunkulu okubalwa kuyo noMkhosi woMhlanga, uthe ukusika unyanyavu lwemoto kukaNksz Mningi Zuma, oyinduna yezintombi, kufanele kube isifundo nakulabo ababona sengathi usiko lokuhlolwa kwezintombi liwukuchitha isikhathi.
UMntwana uTobhi uthe kuningi okuzuzwa izimbali zesizwe ezihamba umhlanga.
UNksz Zuma (32) waqala ukuhamba umhlanga esemncane, akangagudluka kule ndlela kwaze kwaba uqokelwa kwesokuba yinduna yezintombi, ngo-2022, nokuyisikhundla aqokelwa kuso iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Njengamanje uNksz Zuma uneziqu zeBsc in Biochemistry and Microbiology azithola oNgoye, uwuthisha esikoleni iMpikanina High.
Ngempelasonto uthenge unyanyavu lwemoto.UMntwana uTobhi uthe ukuphumelela kukaNksz Zuma nezinye izintombi kungenxa yemisebenzi emihle eyenziwa iSilo esakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
"Abanye bayafika lapha, bahluleke endleleni. Kungijabulisile ukumbona ephumelela esazigcinile. Nasesikoleni usebenza kahle njengoba isikole sakhe sathola imiphumela emihle ezifundweni azifundisayo ku-matric. Angikusho futhi ukuthi akusiyena yedwa ophumelele lapha ezintombini, sinodokotela, nonesi. Iningi lamatshitshi lihamba ngezimoto. Kuningi okwenziwa iSilo uMdlokombane, iNgonyama uMisuzulu ingena nje kuvundile."
UMntwana uTobhi uthe uNksz Zuma uyisibonelo esihle ezinkulungwaneni zezimbali zesizwe aziholayo.
"Ngangingamazi, kodwa ngokubuka ukukhuthala kwakhe ngabe sengimsondeza eduze. Ngathola ukuthi bazihlanganela nje bengenaye umuntu obahlolayo, bazifunela umuntu ozobahlola. Ngaphinde futhi ngathola ukuthi unehlangano lapho begqugquzela ukuziphatha kahle ematshitshini, baphinde bafundisane amahubo.
"Ngathola nokuthi uphinde ahlanganise nabafana abasakhula, lapho elanda khona abantu abafana neNyosi uMdletshe nomholi wamabutho, uMnuz Muzi Nyandeni, ukuba bezoluleka amabhungu asakhula. Ngenxa yobuhlakani bakhe usebizwa ngisho nakwezinye izindawo ukuba izoluleka amatshitshi. Bake nje baya ngisho esifundazweni iMpumalanga, behamba noMntwana uMukelile (kaZwelithini)."
UNksz Zuma uthe ukuthenga unyanyavu lwemoto kuzokwenza umsebenzi wakhe ube lula.
UNksz Zuma ungomunye wabaholi benhlangano Ubuhle Bezolo Lethu Youth Development Organisation, ekhulisa izintombi iphinde icije namabhungu asakhula.
Ukhuthaze izintombi ukuba ziqhubeke nokuzigcina.