UCWANINGO olusanda kwenziwa, lwashicilelwa wuSolwazi Linda-Gail Bekker wase-University of Cape Town luveza ukuthi ukuhoxiswa kohlelo lwezempilo lwase-USA, obelusiza iNingizimu Afrika iPresident’s Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR), kwangaba nakho okunye okuzosiza ukuvala leso sikhala - ingculazi izobuyela ekubeni "wumashayabhuqe" ezweni.
Kuhlaluka ukuthi uma kusongwa izandla, singaphuthunywa isimo sokuhoxa koxhaso, lokho kungaholela ekutheni kufe abantu abalinganiselwa ku-601 000 ngenxa yengculazi, bese futhi kuholela ekutheni kutheleleke abantu abawu-501 000 ngalesi sifo eminyakeni ewu-10 ezayo.
Lolu cwaningo lushicilelwe kwi-Annals of Medicine, emqulwini weSouth African Medical Journal (SAMJ), kulandela ukuthi ngoJanuwari kubuyele esikhundleni sokuphatha iMelika uMengameli Donald Trump, okulandelwe yilezi zinguquko, ezaziqale kungathi zizokwenzeka izinsuku eziwu-90 kuphela, kwagcina kuvalwe thaqa konke.
USolwazi uBekker, umqondisi weDesmond Tutu HIV Centre nesikhulu esiphezulu seDesmond Tutu Health Foundation, uthe lezi zinguquko zizodala ukuthi kuhlakazeke yonke imizamo ebisiyenziwe yizwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane, ngenxa yokuhoxiswa kwalolu hlelo oluwusizo kakhulu emhlabeni, kubalwa amazwe awu-50 emhlabeni jikelele abesizakala ngalo.
“Ukungena kulolu hlelo kwaba yisinyathelo esikhulu nesaba wusizo kakhulu ukulwa ne-HIV, kanti ukubhuntsha kwalo kuza ngesikhathi esibi kakhulu lapho ukudloba kwegciwane kubonakala kushaya kuzwele ebantwini esibahaqayo. I-PEPFAR ibiwusizo kakhulu ezweni nakwamanye amazwe ewasizayo, kangangokuthi imishanguzo yaleli gciwane igcine isiba yiphilisi eliphuzwa kanye ngosuku,” kusho uSolwazi Bekker.
Eqhuba, uthe nakuba ikhona imizamo ezanywayo ukulwa nalesi sifo, kodwa kuyinkinga ukuthi manje balinganiselwa ku-8 milllion abantu bakuleli zwe abaphila naleli gciwane, kuthi kubona abaphakathi kuka-1 million kuya ku-2 million abayisebenzisi imishanguzo yokusidambisa, bese kuthi abawu-400 000 abakaze bahlolele lesi sifo futhi abazi nokuthi banaso.
USolwazi Bekker nabambisene nabo banikezele ngamathiphu angasiza kulesi simo:
- Wukuthi kwakhiwe uhlelo okuzobambisana kulona izinhlaka ezehlukene zezempilo ukuqhamuka namasu okumele asebenze manje ukunqanda ukubhebhetheka komonakalo.
- Wukuthi kwenziwe uhlelo lokuxhasa ezempilo emiphakathini, kuvalwe nezikhala zemisebenzi ezingenamuntu manje ezikhungweni zezempilo ukusiza ukuphuthumisa umsebenzi.
- Akwandiswe ingqalasizinda ezosiza ukuphuthumisa umsebenzi wansuku zonke.
- Akubekwe uhlelo lwesikhashana nolwesikhathi eside lokuthi kuvinjwe ukubhebhetheka kwalesi sifo okuzosiza ukuthi kushaye u-2030 isimo sesilawuleka kunesiyikhona manje.
- Akutholwe ezinye izinhlelo zokuxhasa ukuthi kuliwe nengculazi uqobo, yisifo sofuba nomalaleveva, bese zihlelwa ngendlela efanele.
“Konke lokhu kudinga ukuthi uhulumeni wezwe ubambisane nezinhlaka ezehlukene zezempilo ukuguqula isimo ukuze kuliwe nengculazi nesifo sofuba ngoba yizona zifo eziquthula kakhulu abantu ezweni,” kucebisa uSolwazi Bekker.
Kusanda kuvela izibalo zokuthi iNingizimu Afrika ihamba phamabili ngezibalo zabantu abane-HIV emhlabeni jikelele. Kulandela amazwe angomakhelwane bethu okuyi-Eswatini, Botswana, Lesotho neZimbabwe.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi usanda kuqinisa idolo abantu bakuleli ngokuthi uhulumeni umi ngomumo ukungenelela ezinhlelweni eziphazamisekile ngenxa yokuhoxiswa koxhaso lwaseMelika.
Yize-ke kunjalo, kepha ziningi izinkinga ezibikwayo emiphakathini eyehlukene njengokushoda kwemithi nezinye izinsiza zezempilo. Kukhalwa nangokushoda kwesabelomali okubangele nokuthi kumiswe izinhlelo zokuqashwa kodokotela nabanye abasebenzi bezempilo.