IMPUNYELA yakuleli uMnuz Edwin Sodi ibivele enkantolo yeMantshi eRandbarg ngecala lokuzama ukubulala.
Leli cala lavulwa ngunkosikazi wakhe uNthateng Lerata ayengasahlali naye ngo2022.
Kubikwa ukuthi uSodi wafika emzini wabo oseBryanston wathola umkakhe ehleli nomngani wesilisa wazama ukubadubula isibhamu sanxapha mkakhe ayengasahlali naye nomngani emzini wabo oseBryanston, wavulelwa icala lokuzama ukubulala, ukuhlukumeza ngokobulili nokukhomba ngesibhamu.
UMbuso uzwakalise ukuthi ukulungele ukuqhubeka nokuqulwa kwaleli cala, waveza ukuthi uyasichitha isitatimende sokuhoxa kommangali ngenxa yesihlava esisabalele sokuhlukunyezwa ngokobulili ezweni. Inkantolo ikubonile ukuthi bobabili abamangali bebengekho enkantolo kanti omunye wabo ufake isitatimende sokuhoxa. Ummangali wesibili uveze ukuthi akasafuni ukuqhubeka necala.
Ummeli kammangalelwa ucele ukuthi cala lichithwe ohlwini, nokuyinto evunywe yinkantolo.
Esekhuluma nabezindaba uSodi uthi uyabonga sekudlule ngoba ubesekhathele ukugqigqa enkantolo kungenzeki lutho. Uthi yize ebona ukuthi kumele kubekezelelwe indlela yokudebenza kwezobulungiswa ukhale ngombuso obuphoqa abammangali ukuthi baqhubeke necala yize bakuveza kudala ukuthi sebeyayidilika inqola. Uthi indlela umbuso owenza ngayo ibikhombisa ukuthi sekunezinhloso ezithile zokugqugquzela ukuqhubeka kwecala yize selibanda mpo.