Simangaliso Ntshangase
SEKUQUBUKE ukukhathazeka emphakathini waseMaplazini ku-ward 44, eNanda, ngenxa yokubhebhetheka kwenkinga yokuqhuma kwepayipi lendle, osekuyophela izinyanga ezithathu manje yaqala ukuhlalisa kabi umphakathi.
Elinye lamalungu omphakathi wakule ndawo elixoxe neSolezwe, uNksz Ntokozo Vezi, lithe le nkinga iqale ngoDisemba ngenkathi kuvele kuqhuma ipayipi elikhulu lendle, kwabheduka isitamkoko, elithe senza kube nephunga eligqashula ikhanda - elingabekezeleki nhlobo.
Uthe okunye okubakhathaza kakhulu ngale nkinga wukuthi iya ngokuya iyabhebhetheka njengoba isiqala nokunabela kweminye imizi ekhona endaweni, ikakhulu eyakhiwe ngalapho naye ehlala khona emgwaqweni uNgungumbane.
“Okwenza sikhathazeke kakhulu ngalokho wukuthi umonakalo odalwe yile nkinga usuqala nokunabela eduze kwezindlu, kwabanye usho ukungena nasezindlini zabo imbala, okwenza sikhathazeke kakhulu ngoba sonke siyazi ukuthi indle nephunga layo kuyingozi kangakanani.
“Okunye futhi okusiphatha kabi wukuthi abanye bethu banezingane ezincane, ezingazi lutho ngobungozi balokhu, okungenzeka uma singanakile - zigcine zingena kuwo la manzi aphethuka estamkokweni okungaba yingozi kuzona ngoba kunamagcinwane angazihaqa zigule noma zife imbala. Yinkinga eyenza singahlali neze kahle emphakathini,” kulandisa uNksz Vezi.
Eqhuba, uthe sebezame kaningi kusuka ngoDisemba ukuxhumana neziphathimandla zikaMasipala weTheku ukucela usizo, kepha kuze kuzoba yimanje abakasizakali enkingeni yabo.
“Bakhona abake bafika bezobheka umonakalo, bathembisa ukubuya ngokushesha bezolungisa le nkinga, kepha kuze kube yimanje abakabuyi ukuzolungisa. Kwala ngisho sibahlupha ngezingcingo, obamba ucingo ngaleso sikhathi ugcina ngokusiduduza ngokuthi sikhona ohlwini lwabantu okumele basizakale, bese kuphelela lapho nje,” usho kanje
Kuthintwa abakuMasipala weTheku, bathembise ukuphendula mayelana nalolu daba engakapheli amahora awu-24, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela bengakaphenduli.