AMAPHOYISA kumasipala waseKurhuleni (EMPD) anikele eSprings lapho kube nengozi edlule nemiphefumulo yababili.
Kubikwa ukuthi imoto yasemakhazeni ibibuya ukuyolanda umufi esibhedlela kukhona nesihlobo sakhe esicele umshayeli ukuba kudlulwe lapho ashonele khona umufi ukuze kugcinwe inqubo yokumlanda.
Kuthiwa besahamba kule ndawo, umshayeli uhlulekile ukuyilawula imoto washayisa isihlahla kwase kugqabuka ilangabi.
Amaphoyisa afike kule ndawo kukhona nezinye izinhlaka zezomthetho, emotweni yasemakhazani, kutholakale umshayeli eseshonile nesidumbu sikamufi phakathi. Isidumbu sesihlobo sikamufi sitholakale eduze kwesihlahla.