IZINKINGA azibikelwa abantu bakuleli abazidalelwa abokufika kuleli ngokungemthetho nsuku zaphuma izona eziholele ekutheni umsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese Zuma ahlele imashi ezoba ngoMsombuluko, eThekwini ezokwaziwa ngeMarch in March.
Le mashi esithinte abaningi ezinkundleni zokuxhumana izobe ilwa nokuthi bakhonjwe indlela abokufika kuleli ngokungemthetho ngenxa yokwanda kobugebengu obuthinta bona.
UJacinta uthe ezinkundleni zokuxhumana kumvule amehlo ukuthola imiyalezo ekhala ngobugebengu nathi sesifikile isikhathi sokuthi zisukunyelwe izinkinga ezithinta bona.
“Mina ngisebenza nabantu. Izinkinga ezithinta ukuthi laba bokufika basebenza ezindaweni eziningi nokuvalela abakuleli amathuba akwehli kahle. Ezibhedlela, ezikoleni, eminyangweni ehlukene kahulumeni benza ubugebengu obehlukene. Muva nje sibhekene nenkinga yokuthi ibona abakanise ezitolo zasemakhaya nasemalokishini, labantu abakhokhi ntela njengoba ikhula nje ibhekene nathi, sibona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni alusukumele udaba lwabo bahambe,” kusho uJacinta.
Uthe bahlele ukuthi le mashi isuke kuBotha ngo-8 ekuseni bese behamba maphakathi neTheku bayoyivala eCity Hall.
“Simema wonke umuntu ongahambisani okwenziwa abasezweni ngokungemthetho ukuthi ahlanganyele nathi. Nakwezinye izifundazwe abazobe beseseka bangayimbamba eyabo imibhikisho ngisho imincane kanjani, sinxusa ukuthi nakwamanye amadolobha ibe khona imibhikisho yalolu hlobo njengoba singeke siyeke ukuyenza kuze kube uhulumeni kuba khona akwenzayo."
Uveze ukuthi abafuni kugqame imifaniswano yezepolitiki ngakho banxusa ukuthi abazoba khona bangayifaki.
KwiFacebook likhuli isasasa ngale mashi njengoba abantu beveza ukuthi kumele yenziwe ukuze isizukulwane esizayo siphile ezweni eliphephile.