KUBUKEKA sizobuya KwaZulu-Natal kulo nyaka isicoco ohlelweni i-Big Brother Mzansi njengoba kuvuliwe kusuka ngeSonto kuze kube uLwesihlanu ukuvotelwa kozothatha isicoco esiqeshini sokugcina ngeSonto.
Ohlelweni lwangeSonto kusale abahlanu okukhona kubo uKarabo “Jojo” Sejojo (22) waseBloemfontein, Uyanda Hlangabezo (23) waseGqeberha, Fortunate “Nate” Sebata (26) waseLimpopo, Nsuku Mabunda (29) naye waseLimpopo no-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele (23) waseNquthu.
Kube sekukhonjwa indlela uSiphesihle, Mshini no-Abobo.
Kubona bonke abakhona u-Uyanda noSweet Guluva yibona okubukeka beyizithandwa zabalandeli balolu hlelo.
Kulo nyaka, kwenzeka into eyagcina ukubonakala yenzeka kulolu hlelo kusahlangana amazwe ahlukene e-Afrika, nala abantu basemadolobheni ehlukene babehlangana khona bevota ndawonye.
Ugazi analo uSweet Guluva lubuyise lolo siko njengoba eNquthu kunemikhankaso ehlukene abantu behlangana befuna ukumvotela.
Igaraji likaphethilolu elaziwa ngokuthi ikwaTony kulapho bekuhlanganwa khona kusetshenziswa izindlela ezihlukene zokuvota emasontweni edlule.
Kanjalo ne-Eastern Cape ayizibekile phansi njengoba abaningi bekubeka kucace ukuthi lesi sicoco basifuna khona.
Ezinkundleni zokuxhumana nakhona baningi abaveza ukuthi bangabalandeli baka-Uyanda futhi bayakholelwa ekutheni wenze konke ukuthola isicoco salo nyaka.
Umethuli walolu hlelo uSmash Afrika, kuleli sonto ukubuke kwacaca ukuthi kuzoba nemidlalo ehlukene ezocacisa ngokusobala ukuthi ubani okumele athole isicoco salo nyaka.
“Kuleli sonto uBig Brother kuningi azokwenza ukuthi kubuye imali elahlekile emklomelweni kaR2 million, njengoba besibona obekwenzeka egumbini elaziwa ngeBoiler Room. Baningi abaphume nemali ngakho kuleli sonto abahlanu abasele bazokwenza imidlalo eminingi ukuze leyo mali ibuye. Kuningi okunye okuzokwenzeka ukuvala isonto lokugcina,” kuchaza uSmash.
Ohlelweni lwangeSonto okulindeleke ukuthi luqale ngohora lesihlanu, kulindeleke ukuthi kunandise abaculi abahlukene kuphinde kubuye bonke abebezama inhlanhla yokuthola le mali.